Dlulela kokuphakathi

Ingabe Amademoni Angokoqobo?

Ingabe Amademoni Angokoqobo?

Impendulo YeBhayibheli

Yebo. Amademoni ‘ayizingelosi ezona,’ izidalwa zomoya ezavukela uNkulunkulu. (2 Petru 2:4) Ingelosi yokuqala eyazenza idemoni uSathane uDeveli, iBhayibheli elimbiza ngokuthi “umbusi wamademoni.”—Mathewu 12:24, 26.

Ukuvukela ngosuku lukaNowa

IBhayibheli lilandisa ngokuvukela kwezingelosi ngaphambi kukaZamcolo wosuku lukaNowa: “Amadodana kaNkulunkulu weqiniso aqala ukuqaphela amadodakazi abantu, ukuthi ayebukeka; ayesezithathela abafazi, okungukuthi, wonke lawo ayewakhetha.” (Genesise 6:2) Lezo zingelosi ezimbi noma ezihlubukile, “zashiya indawo yazo yokuhlala efanele” ezulwini zathatha imizimba yabantu ukuze zilale nabesifazane.—Jude 6.

Lapho kufika uZamcolo, izingelosi ezivukelayo zashiya imizimba yazo yabantu zabuyela ezulwini. Nokho, uNkulunkulu wazixosha emndenini wakhe. Njengengxenye yesijeziso sawo, amademoni enqatshelwe ukuphinde athathe imizimba yabantu.—Efesu 6:11, 12.