Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

Nginike Unyaka Owodwa Nje Wokuthula Nenjabulo

Nginike Unyaka Owodwa Nje Wokuthula Nenjabulo
  • UNYAKA AZALWA NGAWO: 1971

  • IZWE AZALELWA KULO: EFRANCE

  • UMLANDO: NGANGIYISIGEBENGU ESINOBUDLOVA, NGIZIPHATHA KABI FUTHI NGISEBENZISA KABI IZIDAKAMIZWA

UKUPHILA KWAMI:

Umndeni wakithi wawuhlala eTellancourt emaphandleni asenyakatho-mpumalanga yeFrance. Ubaba wayedabuka eFrance umama engowase-Italy. Lapho ngineminyaka engu-8 sathuthela edolobheni laseRome elinabantu abenza imisebenzi ephansi, e-Italy. Kuleyo ndawo ukuphila kwasekhaya kwaba nzima. Abazali bami babelwa ngenxa yezinkinga zemali.

Lapho ngineminyaka engu-15, umama wangikhuthaza ukuba ngizitholele abangane ngiyeke ukuhlala endlini. Ngakho ngaqala ukuchitha isikhathi esiningi ngingekho ekhaya. Ngokushesha ngaba nabangane ababi. Ngolunye usuku, indoda eyayibonakala inobungane, yeza kimi. Yanginika izidakamizwa, engazithatha ngoba ngangifuna ukubonakala ngikhulile. Ngokushesha ngangena shi ekusebenziseni kabi izidakamizwa nasekuziphatheni okubi. Nganukubezwa ngokobulili izikhathi eziningi. Ukuphila kwakungasabalulekile kimi; ngangingasenandaba nokuthi ngiyaphila noma ngiyafa. Nganginomzwangedwa. Lapho ngineminyaka engu-16 ngazama ukuzibulala ngokuphuza ibhodlela likagologo ngabe sengiziphonsa echibini. Ngaphaphama ngemva kwezinsuku ezintathu egunjini labagula kakhulu.

Ngaqala ukwazisa ukuphila, kodwa ngesikhathi esifanayo ngaba nobudlova futhi ngakhohlakala. Ngangihamba nabantu ngiyolala nabo, ngibadlise izidakamizwa bese ngeba noma yini eyigugu emizini yabo. Amaqembu amakhulu adayisa izidakamizwa ayengisebenzisa ukuze ngihambise izidakamizwa e-Italy ngomshoshaphansi. Ngangihlale ngisengozini yokuboshwa. Ukuphila kwami kwakubonakala kungenanjongo futhi kungahlelekile. Nokho, ngangikholelwa ukuthi kumelwe ukuba kunesizathu sokuba khona kwami. Ngathandaza kuNkulunkulu, ngamcela ukuba anginike unyaka owodwa nje wokuthula nenjabulo.

INDLELA IBHAYIBHELI ELISHINTSHE NGAYO UKUPHILA KWAMI:

Lapho ngineminyaka engu-24 nganquma ukuthuthela eNgilandi. Ngenxa yokuthi ngangisebenzelana nabashushumbisa izidakamizwa, ukuphila kwami kwakusengozini. Ngaphambi kokuba ngihambe, ngavakashela umama futhi ngamangala lapho ngibona u-Annunziato Lugarà, exoxa naye ngeBhayibheli. * Ngenxa yokuthi ngangazi ukuthi uyisigebengu, ngethuka futhi ngambuza ukuthi ufunani ekhaya. Wangitshela ngezinguquko ezinkulu azenza ekuphileni kwakhe ukuze abe uFakazi KaJehova futhi wangenza ngathembisa ukuthi ngizokhuluma noFakazi lapho ngifika eNgilandi. Ngavuma ukwenza lokho akushoyo. Nokho lapho ngifika lapho, ngabuyela ngokushesha endleleni engangiphila ngayo.

Ngolunye usuku ngahlangana noFakazi owayehambisa omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! emgwaqweni ophithizelayo eLondon. Ngikhumbula isithembiso engangisenze ku-Annunziato, ngacela uFakazi ukuba afunde nami iBhayibheli.

Engakufunda eBhayibhelini kwangimangaza ngempela. Ngokwesibonelo, ngashukunyiswa amazwi akweyoku-1 Johane 1:9 athi ngokuphathelene noNkulunkulu: “Uma sizivuma izono zethu, yena uthembekile futhi ulungile ukuba asithethelele izono zethu futhi asihlanze.” Leli vesi langithinta kakhulu ngoba ngangizizwa ngingcole kakhulu ngenxa yendlela engangiphila ngayo. Ngokushesha ngaqala ukuya emihlanganweni yebandla eHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova. OFakazi bangamukela ngemfudumalo. Lapho ngibona indlela ababesondelene ngayo​—into ebengilokhu ngiyifisa​—ngafuna ukuba yingxenye yebandla labo eliwumndeni.

Nakuba kwakungenzima ukuyeka ukusebenzisa kabi izidakamizwa nokushintsha indlela embi engangiphila ngayo, ngakuthola kunzima kakhulu ukushintsha ubuntu bami. Ngabona ukuthi kudingeka ngiphathe abanye ngenhlonipho futhi ngibacabangele. Empeleni ngisalwisana neminye imikhuba emibi. Nokho ngosizo lukaJehova ngiye ngathuthuka. Zingakapheli izinyanga eziyisithupha ngiqale ukufunda iBhayibheli, ngabhapathizwa ngaba omunye woFakazi BakaJehova. Lokho kwenzeka ngo-1997.

INDLELA ENGIZUZE NGAYO:

Ngemva kokubhapathizwa, ngashada noBarbara, owesifazane osemusha, naye owayesanda kuba uFakazi KaJehova. Lapho omunye wabangane bami bakudala ebona indlela engishintshe ngayo, waqala ukutadisha iBhayibheli. Ngokuhamba kwesikhathi yena nodadewabo baba oFakazi. Ngemva kwalokho udadewabo kagogo, owayeneminyaka engaphezu kuka-80 ubudala waqala ukutadisha iBhayibheli wabe esebhapathizwa ngaphambi kokuba ashone.

Manje ngikhonza njengomdala ebandleni futhi mina nomkami siyizikhonzi zesikhathi esigcwele, sifundisa abantu abakhuluma isiNtaliyane iBhayibheli eLondon. Ngezinye izikhathi ngiyacindezeleka lapho ngicabanga ngendlela engangiphila ngayo, kodwa uBarbara uwusizo olukhulu kimi. Manje senginomndeni ozinzile ebengilokhu ngiwufisa futhi nginoBaba onothando ebengilokhu ngifisa ukuba naye. Ngacela uNkulunkulu ukuba anginike unyaka owodwa nje wokuthula nenjabulo, kodwa unginike okuningi kakhulu!

Manje senginomndeni ozinzile ebengilokhu ngiwufisa futhi nginoBaba onothando ebengilokhu ngifisa ukuba naye

^ isig. 10 Bheka isihloko esithi “IBhayibheli Lishintsha Ukuphila​—Ngangihamba Nesibhamu Sami Nomaphi Lapho Ngangiya Khona,” esilandiswa u-Annunziato Lugarà, kuyi-Nqabayokulinda ka-July 1, 2014, amakhasi 8-9.