Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | KUNGANI KUMELWE UTHEMBEKE?

Okwenza Ukwethembeka Kuzuzise

Okwenza Ukwethembeka Kuzuzise

“Sithemba ukuthi sinonembeza othembekile, njengoba sifisa ukuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.”​—Hebheru 13:18.

EBhayibhelini, igama lokuqala lesiGreki ngezinye izikhathi elihunyushwa ngokuthi “ukwethembeka” ngokwezwi nezwi lisho into “enhle ngokwemvelo.” Lingasho nento enhle oyibona endleleni yokuziphatha.

AmaKristu abheka amazwi aphefumulelwe omphostoli uPawulu njengabaluleke kakhulu: “Sifisa ukuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.” Lokho kuhilelani?

UKULWA NOBUTHAKATHAKA BETHU

Abantu abaningi baqale bazibuke esibukweni ngaphambi kokuba baphume endlini. Kungani? Kungenxa yokuthi bafuna ukubukeka kahle. Kodwa kukhona into ebaluleke kakhulu ukudlula ukulungisa kahle izinwele noma ukugqoka izingubo zikanokusho. Ngempela, umuntu esinguye ngaphakathi angabangela ukuba lapho abantu besibuka basibone sibahle noma sibabi.

IZwi likaNkulunkulu liyavuma ukuthi sithambekele ekwenzeni okubi. UGenesise 8:21 uthi: “Ukuthambekela kwenhliziyo yomuntu kubi kusukela ebusheni bakhe kuqhubeke.” Ngakho, ukuze sithembeke kumelwe silwe nezifiso esizalwa nazo zokwenza isono. Umphostoli uPawulu wayichaza ngokucacile indlela ayelwa ngayo nokona, wathi: “Ngiyajabula ngempela ngomthetho kaNkulunkulu ngokomuntu enginguye ngaphakathi, kodwa ngibona emalungwini ami omunye umthetho olwa nomthetho wengqondo yami futhi ongithumbela emthethweni wesono osemalungwini ami.”​—Roma 7:​22, 23.

Ngokwesibonelo, lapho inhliziyo yethu ifuna senze okungalungile futhi sithambekela ekungathembekini, akumelwe sibe isigqila sezifiso zenhliziyo yethu. Singakwazi ukwenza isinqumo. Lapho sikhetha ukwenqaba imicabango emibi, singaqhubeka sithembekile ngisho noma sizungezwe ukungathembeki.

UKUNQOBA

Ukuze sithembeke sidinga imithetho yokuziphatha ephakeme kakhulu. Nokho, ngokudabukisayo abantu abaningi bachitha isikhathi esiningi benquma ukuthi bazogqokani kunokucabanga ngendlela efanele okumelwe baziphathe ngayo. Ngenxa yalokho, bayazithethelela lapho ukungathembeki kubazuzisa. Incwadi ethi The (Honest) Truth About Dishonesty ithi: “Eqinisweni, siyawaqamba amanga kodwa asifuni ukwaziwa njengabantu abangathembekile.” Nokho, ikhona yini indinganiso enokwethenjelwa engasisiza sinqume ukuthi ukungathembeki okungakanani​—uma kukhona​—okwamukelekayo? Ngokujabulisayo ikhona.

Izigidi zabantu emhlabeni ziye zathola ukuthi iBhayibheli lisanelisa ngokuphelele leso sidingo. IBhayibheli linomthetho wokuziphatha ongenakuqhathaniswa nalutho. (IHubo 19:7) Linesiqondiso esinokwethenjelwa ezindabeni ezinjengokuphila komndeni, umsebenzi, ukuziphatha nokukhonza uNkulunkulu. Alikaze lihluleke nakanye. Imithetho nezimiso zalo kusebenza kuzo zonke izizwe, izinhlanga nabantu. Ngokuhlola iBhayibheli, ukuzindla ngalokho elikushoyo nangokusebenzisa iseluleko salo, singaqeqesha izinhliziyo zethu ukuze zithembeke futhi zibe neqiniso.

Noma kunjalo, kudingeka okungaphezu kokungenisa ulwazi olunembile ngeBhayibheli ukuze sinqobe ukungathembeki. Siphila ezweni elinokuziphatha okubi elisicindezela ukuba samukele ukuphila ngendlela yalo ekhohlakele. Yingakho kudingeka sithandaze sicele uNkulunkulu asisize futhi asisekele. (Filipi 4:​6, 7, 13) Ngokwenza kanjalo, singaba nesibindi sokumelela okulungile futhi sithembeke ezintweni zonke.

IMIVUZO YOKWETHEMBEKA

UHitoshi, okukhulunywe ngaye esihlokweni sokuqala, kwamzuzisa ukwaziwa njengesisebenzi esithembekile. Manje usebenzela umqashi okwazisayo ukwethembeka kwakhe. UHitoshi uthi, “Ngiyajabula ngokuthi ngakwazi ukuthola umsebenzi ongivumela ukuba ngigcine unembeza wami uhlanzekile.”

Bakhona nabanye abaye bazuza ngendlela efanayo. Cabanga ngezibonelo zabanye abaye bazuza ngokusebenzisa isimiso seBhayibheli esisisiza ‘siziphathe ngokwethembeka ezintweni zonke.’

  • Unembeza Ohlanzekile

    “Ngayeka isikole ngineminyaka engu-13 ukuze ngisebenze namasela. Ngenxa yalokho, ingxenye enkulu yemali engangiphila ngayo ngangiyithola ngokungathembeki. Kamuva ngashada futhi mina nomyeni wami saqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Safunda ukuthi uJehova * uNkulunkulu uyazizonda izenzo zokungathembeki, sabe sesinquma ukushintsha indlela esiphila ngayo. Ngo-1990 sanikezela ukuphila kwethu kuJehova futhi sabhapathizwa saba oFakazi BakaJehova.”​—IzAga 6:​16-19.

    “Esikhathini esidlule umuzi wami wawugcwele izinto ezebiwe, kodwa manje awusenazo lezo zinto futhi lokho kungenza ngibe nonembeza ohlanzekile. Uma ngicabanga ngeminyaka eminingi engayichitha ngingathembekile, ngiyambonga uJehova ngokungibonisa umusa omkhulu. Kunganelisa ngempela ukulala nsuku zonke ngazi ukuthi uJehova uyajabula ngami.”​—UCheryl, e-Ireland.

    “Lapho umqashi wami ethola ukuthi ngale ukufumbathiswa umuntu obengaba yikhasimende, wathi kimi: ‘UNkulunkulu wakho ukwenze waba umuntu onokwethenjelwa! Kuyisibusiso ngempela ukuba khona kwakho kule nkampani.’ Ukwethembeka kuzo zonke izinto kungenza ngibe nonembeza ohlanzekile phambi kukaJehova uNkulunkulu. Kungenza ngikwazi nokusiza umndeni wami nabanye ukuba benze okufanayo.”​—USonny, eHong Kong.

  • Ukuthula Kwengqondo

    “Ngiyisekela lomphathi ebhange elinamagatsha emazweni ahlukahlukene. Kulo msebenzi, ngokuvamile ukwethembeka kubekelwa eceleni ukuze kutholakale inzuzo eningi. Umbono ovamile uthi, ‘Kulimaza kuphi ukungathembeki okuncane uma kusenza sicebe futhi kuthuthukisa umnotho?’ Kodwa ukwethembeka kunginika ukuthula kwengqondo. Ngizimisele ukuhlala ngithembekile futhi ngibhekane nanoma yini engabangelwa ukwenza kanjalo. Abaqashi bami bayazi ukuthi ngeke ngibakhohlise noma ngikhohlise abanye ngenxa yabo.”​—UTom, e-United States.

  • Ukuzihlonipha

    “Emsebenzini umphathi wami wangikhuthaza ukuba ngiqambe amanga ngezinto ezazilahlekile, kodwa ngenqaba. Lapho ekugcineni etholakala amasela, umqashi wami wangibonga ngokwethembeka kwami. Kudinga isibindi ukwethembeka kuleli zwe elingathembekile. Kodwa ekugcineni abantu bayasethemba futhi basihloniphe.”​—UKaori, eJapane.

Unembeza ohlanzekile, ukuthula kwengqondo kanye nokuzihlonipha​—izinzuzo ezifana nalezi zibonisa ukuthi ukwethembeka kuyazuzisa ngempela. Awuvumi yini?

^ isig. 18 IBhayibheli lithi igama likaNkulunkulu uJehova.