Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Bewazi?

Ingabe Bewazi?

Hlobo luni lwenqola umthenwa ongumTopiya ayeyigibele ngesikhathi uFiliphu eya kuye?

IGAMA lolimi lokuqala elihunyushwe ngokuthi “inqola” e-Nguqulweni Yezwe Elisha lingabhekisela kunoma yiluphi uhlobo lwenqola. (IzE. 8:​28, 29, 38) Nokho, kubonakala sengathi lo mTopiya wayegibele inqola enkulu kunenqola yezempi noma yomjaho. Cabanga ngezinye zezizathu zokuphetha kanjalo.

UmTopiya wayeyisikhulu esiphakeme esasikade sihambe ibanga elide. ‘Wayeyindoda eyayinegunya ingaphansi kukaKhandakhe, indlovukazi yamaTopiya, eyayengamele yonke ingcebo yale ndlovukazi.’ (IzE. 8:27) ITopiya yasendulo yayihlanganisa iSudan yanamuhla nengxenye eseningizimu yeGibhithe lanamuhla. Nakuba kungenzeka ukuthi le ndoda ayigibelanga inqola eyodwa kulo lonke uhambo, kumele ukuba yayinezimpahla eziningi eyayizidinga kulolu hambo olude. Phakathi kwezinto ezazisetshenziselwa ukuthutha abantu ekhulwini lokuqala C.E. kwakukhona nezinqola ezinamasondo amane ezinompheme. “Inqola enjalo yayenza umuntu akwazi ukuphatha imithwalo eminingi, imenze ahlale kahle angampintsheki futhi mhlawumbe akwazi nokuhamba amabanga amade,” ngokusho kwencwadi ethi Acts—An Exegetical Commentary.

UmTopiya wayefunda ngesikhathi uFiliphu eya kuye. Le ndaba ithi “uFiliphu wagijima eceleni kwenqola, wamuzwa [umthenwa] efunda ngokuzwakalayo incwadi ka-Isaya umprofethi.” (IzE. 8:30) Izinqola ezithwala abantu zazingakhelwe ukuba zihambe ngesivinini esikhulu. Ngenxa yokuthi inqola yayihamba kancane, umthenwa wakwazi ukufunda njengoba ihamba, kodwa futhi noFiliphu wakwazi ukuyifica ehamba ngezinyawo.

UmTopiya “wancenga uFiliphu ukuba agibele ahlale naye.” (IzE. 8:31) Enqoleni yomjaho, abagibeli babema. Kodwa enqoleni ethwala abantu kwakungaba nendawo eyanele ukuba uFiliphu nomthenwa bahlale phansi.

Ngokuvumelana nomlando ophefumulelwe osencwadini yezEnzo isahluko 8 nobufakazi bomlando obutholakele, izincwadi zethu muva nje ziveze umthenwa ongumTopiya egibele inqola enkulu kunenqola yezempi noma yomjaho.