Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGABE KWAKLANYWA?

Isitho Esikhanyisayo Sembambela YaseHawaii

Isitho Esikhanyisayo Sembambela YaseHawaii

UMZINGELI wasebusuku, imbambela yase- Hawaii okuthiwa i-bobtail squid, izenzela okwayo ukukhanya—hhayi ngenjongo yokuba ibonwe, kodwa ukuze ukukhanya kwayo kufane nokukhanya okuyizungezile okubangelwa inyanga nezinkanyezi ukuze ingabonakali. Imfihlo yalesi silwanyana, ukusebenzelana kwaso namabhaktheriya akhipha ukukhanya. Lokhu kusebenzelana, kungase kube nanezimfihlo ezingasizuzisa nathi, kodwa ngendlela ebonakala ihlukile. Kungase kuyizuzise impilo yethu.

Cabanga ngalokhu: Le mbambela, ihlala ogwini olunamanzi acwebile eziqhingini zaseHawaii. Ukukhanya kwenyanga nezinkanyezi ngokuvamile kungabangela ukuba isithunzi sale nhlanzi sibonakale kahle kubazingeli abangaphansi kwayo. Kodwa, le mbambela ikhipha ukukhanya ngaphansi kwayo, okusezingeni elifana nelokukhanya kwasebusuku. Ngenxa yalokho, ayikwazi ukubonakala—nesithunzi sayo asibonakali. Ithuluzi “lobuchwepheshe obuphambili” lale mbambela, isitho sayo esikhanyisayo esinamabhaktheriya akhipha ukukhanya okudingekayo ukuze ingabonakali kwezinye izilwane eziyizungezile.

La mabhaktheriya angase asize futhi ekulawuleni indlela yokulala nokuvuka kwale mbambela. Lokhu kuyabathakazelisa kakhulu abacwaningi, ngoba ukuxhumana okukhona phakathi kwamabhaktheriya nomjikelezo wansuku zonke owenzeka emzimbeni ohambisana nesikhathi kungase kungagcini nje kule mbambela. Ngokwesibonelo, ezilwaneni ezincelisayo, amabhaktheriya adlala indima ebalulekile ekugayeni ukudla, angase futhi ahlotshaniswe nokusebenza kwale mijikelezo yansuku zonke. Ukuphazamiseka kokusebenza kwale mijikelezo, kuye kwahlotshaniswa nesifo sokucindezeleka, isifo sikashukela, ukukhuluphala ngokweqile, kanye nokungalali kahle. Ngakho-ke, ucwaningo lwesimiso sokusebenzelana kwamabhaktheriya nale mbambela, lungase luthuthukise ukuqonda ngempilo yomuntu.

Ucabangani? Ingabe isitho esikhanyisayo sembambela yaseHawaii saba khona ngokuziphendukela kwemvelo, noma ingabe saklanywa?