Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGABE WAKLANYWA?

Umlenze Wehhashi

Umlenze Wehhashi

IHHASHI likwazi ukugabavula ngejubane elifinyelela emakhilomitheni angu-50 ngehora. Nakuba lokhu kuwumsebenzi omkhulu, mancane amandla adingekayo. Kwenzeka kanjani lokhu? Imfihlo ilele emilenzeni yehhashi.

Cabanga ngalokho okwenzekayo lapho ihhashi ligabavula. Imisipha enwebekayo ebambe izicubu imunca amandla lapho imilenze inyathela phansi, bese iwadedela ngomfutho, okwenza ihhashi ligijime nakakhulu.

Ngaphezu kwalokho, lapho ihhashi ligabavula, imilenze yalo idlikizeka ngamandla ngezinga elingase lilimaze imisipha. Nokho, izicubu ezisemilenzeni zivimbela ukuthi umonakalo ungenzeki. Abacwaningi babiza lokhu ngokuthi “umklamo wezicubu nemisipha wezinga eliphakeme” owenza umlenze wehhashi usebenze kalula futhi ube namandla.

Onjiniyela bazama ukulingisa umklamo womlenze wehhashi abazowusebenzisa emarobhothini anemilenze emine. Nokho, ngokusho kwe-Biomimetic Robotics Laboratory of the Massachusetts Institute of Technology, ukuba yinkimbinkimbi kwalo mklamo, kwenza kungabi lula ukuwulingisa kusetshenziswa izinto ezitholakalayo okwamanje nolwazi lobunjiniyela olukhona.

Ucabangani? Ingabe ukwakheka komlenze wehhashi kwaba khona ngokuziphendukela kwemvelo, noma ingabe kwaklanywa?