Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGABE SAKLANYWA?

Isitho Esikhanyisayo Semfinyezi

Isitho Esikhanyisayo Semfinyezi

ISIBANI noma isitho esikhanyisayo sohlobo oluthile lwemfinyezi sembozwe amazenga alekene abangela ukuba ukukhanya okukhishwa yilesi sinambuzane kugqame kakhulu. *

Jagged scales

Cabanga Ngalokhu: Abacwaningi bathole ukuthi amazenga amancanyana emboze isitho esikhanyisayo sezinhlobo ezithile zezimfinyezi amise okwendlela othayela noma ama-tiles afulela ngayo. La mazenga ayaphakama ekugcineni ngama-micrometer amathathu—ubuncane obuphindwe ka-20 uma buqhathaniswa nonwele lomuntu. Noma kunjalo, lokhu kuphakama okuncane kwenza lesi sitho esikhanyisayo sikhanye ngokuphindwe ngamaphesenti angaba ngu-50 kunezinga ebesiyokhanya ngalo ukuba amazenga abendlaleke aba yisicaba!   

Ingabe lokhu kungalithuthukisa izinga lokukhanya kwezibani ezincanyana zikagesi (diodes), ezisetshenziswa ezintweni zobuchwepheshe? Ukuze bathole impendulo, ososayensi bamboza lezi zibani ngokuthile okusamazenga afuze lawo atholakala esithweni esikhanyisayo semfinyezi. Waba yini umphumela? Lezi zibani zakhipha ukukhanya okuphindwe ngamaphesenti angu-55 kunokujwayelekile! Isazi sesayensi u-Annick Bay uthi: “Into ebaluleke kakhulu ngalolu cwaningo ukuthi lusibonisa ukuthi kukhulu kangakanani esingakufunda ngokubhekisisa izinto zemvelo.”

Ucabangani? Ingabe isitho esikhanyisayo semfinyezi saba khona ngokuziphendukela kwemvelo, noma ingabe saklanywa?

^ isig. 3 Ososayensi abakacwaningi ngazo zonke izinhlobo zezimfinyezi.