Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGABE YAKLANYWA?

Indlela Yokundiza Eyonga Amandla Ye-Wandering Albatross

Indlela Yokundiza Eyonga Amandla Ye-Wandering Albatross

IZINYONI ezindiza ngokungashayi amaphiko zikwazi ukundiza isikhathi eside ngaphandle kokukhandleka. I-wandering albatross iyisibonelo esivelele sazo. Njengoba inamaphiko angamamitha angu-3,4 ubude nesisindo esingaba amakhilogremu angu-8,5, le nyoni ingandiza izinkulungwane zamakhilomitha isebenzisa amandla amancane kakhulu! Imfihlo yayo isendleleni eyakheke ngayo nendlela yayo yokundiza.

Cabanga ngalokhu: Lapho i-albatross indiza, isebenzisa imisipha ethile ukuze igcine amaphiko ayo eluleke ngokuphelele, okwenza izicubu zingakhandleki. Enye imfihlo yale nyoni—ukukwazi kwayo ukundiza amahora amaningi ingabhakuzisi maphiko—ihilela ikhono layo lokusebenzisa umoya wasolwandle.

Lapho ama-albatross endiza olwandle, ayakhuphuka, ajike aphinde ashone phansi futhi lokhu akwenza ngokuphindaphindiwe—inqubo eyenza lezi zinyoni zikwazi ukulondoloza ijubane elifanayo naphezu kokuphazanyiswa umoya. Ososayensi basanda kuthola ukuthi zikwazi kanjani lezi zinyoni ukwenza lokhu. Besebenzisa imishini yezinga eliphakeme yokulandelela nohlelo olukhethekile lwe-computer, bathola ukuthi ama-albatross athola amandla awadingayo lapho ephenduka ebhekene nomoya futhi awufulathele okwesikhashana lapho esephezulu. Ososayensi bathi, “Amandla iwathola kalula futhi ngokuqhubekayo.” Uba yini umphumela? Le nyoni ingandiza amahora amaningi ingawashayanga nakanye amaphiko!

Lokhu kuqonda kungasiza onjiniyela baklame izindiza ezonga uphethiloli, mhlawumbe ngisho nezingenayo injini.

Ucabangani? Ingabe indlela yokundiza eyonga amandla ye-albatross, kanye nokwakheka kwayo okukhethekile kwaba khona ngokuziphendukela kwemvelo, noma ingabe kwaklanywa?