Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 EZASENDULO

UKoresi Omkhulu

UKoresi Omkhulu

Ngokwekhalenda lethu lanamuhla, ngobusuku bango-October 5/6, ngo-539 B.C.E., kwenzeka into eyayibonakala ingenakwenzeka emzini waseBhabhiloni, inhloko-dolobha yoMbuso waseBhabhiloni. Ngalobo busuku bezigemegeme, lo muzi wagumbuqelwa ibutho lamaMede namaPheresiya, elaliholwa inkosi yasePheresiya uKoresi, owaziwa nangokuthi uKoresi Omkhulu. Indlela yakhe yokuhlasela yayikhaliphe kakhulu.

INDLELA UKORESI ALITHUMBA NGAYO IBHABHILONI

“Lapho uKoresi enquma ukuhlasela iBhabhiloni, kakade lase lingumuzi ohlonishwa kakhulu kweyaseMpumalanga Ephakathi—cishe ukwedlula yonke imizi eyayikhona emhlabeni,” kusho incwadi ethi Ancient World Leaders—Cyrus the Great. UMfula i-Ewufrathe wawudabula eBhabhiloni ubuye ugcwalise nemiselekazi eyayizungeze izindonga ezinkulu ezibiyele lo muzi—isivikelo esiyinhlanganisela esasenza lo muzi ubonakale ungenakunqobeka.

Enhla neBhabhiloni, ibutho likaKoresi laphambukisa umfula i-Ewufrathe okwenza amanzi abohla kulo muzi. Amasosha abe esenqamula emanzini eqonde emasangweni omuzi ayeshiywe evulekile futhi alinqoba kalula iBhabhiloni. Ngokwezazimlando ezingamaGreki uHerodotus noXenophon, abaseBhabhiloni babezizwa belondekile ngaphakathi kwezivikelo zomuzi kangangokuba ngobusuku abahlaselwa ngabo, abaningi babesedilini, kuhlanganise nenkosi! (Bheka ibhokisi elithi  “Umbhalo Wesandla Usodongeni.”) Ngaphezu kwalokho, ukunqoba kukaKoresi kwagcwalisa ezinye zeziprofetho zeBhayibheli ezimangalisayo.

Ukunqoba kukaKoresi iBhabhiloni kwabikezelwa eBhayibhelini

 IZIBIKEZELO EZIMANGALISAYO

Iziprofetho zika-Isaya ziphawuleka ngokukhethekile ngoba zalotshwa kusasele iminyaka engu-200 zigcwaliseke—mhlawumbe kusasele ngisho iminyaka engu-150 ngaphambi kokuzalwa kukaKoresi! Cabanga ngalokhu:

UKUKHULULWA OKUYISIMANGALISO

Ngaphambili, ngo-607 B.C.E., amabutho aseBhabhiloni abhubhisa iJerusalema futhi athumba abaningi ababesindile abayisa ekudingisweni. Ayeyodingiswa isikhathi esingakanani amaJuda? UNkulunkulu wathi: ‘Lapho isigcwalisekile iminyaka engamashumi ayisikhombisa ngiyofuna ukuba ilandise inkosi yaseBhabhiloni naleso sizwe, ngiyolenza libe amahlane ayincithakalo kuze kube nini nanini.’—Jeremiya 25:12.

Njengoba sekuchaziwe, uKoresi wanqoba iBhabhiloni ngo-539 B.C.E. Ngokushesha ngemva kwalokho, wakhulula amaJuda, aqala ukubuyela ezweli lawo ngo-537 B.C.E.—khona kanye emva kweminyaka engu-70 edingisiwe. (Ezra 1:1-4) Ngokuqondene neBhabhiloni, ngokuhamba kwesikhathi laba “amahlane ayincithakalo”—lifakazela kona futhi ukunemba kwesiprofetho seBhayibheli.

KUNGANI KUFANELE UBE NENDABA NALOKHU?

Cabanga ngalokhu: IBhayibheli labikezela (1) iminyaka engu-70 yokudingiswa kwamaJuda, (2) ukunqoba kukaKoresi iBhabhiloni nezici eziyinhloko zendlela yakhe yokuhlasela, (3) nokuthi iBhabhiloni laliyogcina liyincithakalo. Ulwazi olunjalo ngento engakenzeki lwalungenakuvela kumuntu nje! Isiphetho esinengqondo kakhudlwana yilesi: “Isiprofetho asikaze silethwe ngentando yomuntu, kodwa abantu bakhuluma okuvela kuNkulunkulu.” (2 Petru 1:21) Ngokuqinisekile, iBhayibheli liyakufanelekela ukuba silihlole.

^ isig. 36 La magama ayebhekisela esisindweni semali. Ukuze uthole incazelo eningilizayo, bheka isahluko 7 sencwadi ethi Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli! enyatheliswa oFakazi BakaJehova.