Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 USIZO LOMKHAYA | UKUBA UMZALI

Indlela Yokubekela Ingane Yakho Esithombile Imithetho

Indlela Yokubekela Ingane Yakho Esithombile Imithetho

INSELELE

Ingane yakho esithombile ithi uqinisa isandla ngokweqile. Wena uzizwa ngendlela ehlukile. Unomuzwa wokuthi, ‘Uma ngithambisa isandla, izovele izithole isisenkingeni!’

Ungakwazi ukubekela ingane yakho imithetho enokulinganisela. Nokho, okokuqala kudingeka wazi ukuthi kakade yini okungenzeka icasula ingane yakho ngemithetho oyibekile. *

ISIZATHU SOKUBA KWENZEKE

Inkolelo-ze: Zonke izingane esezithombile aziyilaleli imithetho; lokho kuyingxenye yokukhula engenakugwenywa.

Iqiniso: Mancane amathuba okuba ingane ibe ihlongandlebe lapho abazali bebeka imithetho enokulinganisela futhi bexoxa ngayo nengane.

Nakuba zingase zibe ziningana izici ezihilelekile ekuvukeleni kwengane, abazali bangase bakukhuthaze bengaqondile uma imithetho yabo iqine kakhulu noma ingasavumelani nobudala bengane. Cabangela lokhu:

  • Ukuqina kakhulu. Lapho abazali bebeka umthetho futhi bengazimisele ukuba kuboniswane ngawo, ingane ivele iwubheke njengocindezelayo kunokuba iwubheke njengesivikelo. Ngenxa yalokho, uma bengayiboni, ingase ivele izenze lezo zinto abazali bayo abazenqabelayo.
  • Ukungavumelani nobudala bengane. Incazelo ethi “yenza lokho engukutshele khona” ingase yanele enganeni encane, kodwa izingane esezithombile zidinga okungaphezu kwalokho—zidinga izizathu. Kakade, maduzane ingane yakho ingase ihambe iyozihlalela yodwa futhi izenzele izinqumo ezibalulekile. Kungcono kakhulu ukuba ifunde ukucabanga kahle nokwenza izinqumo ezinhle manje, isengaphansi kwesandla sakho.

Kodwa yini ongayenza uma njalo ingane yakho ibonakala icasulwa imithetho oyibekile?

 ONGAKWENZA

Okokuqala, yazi ukuthi izingane ziyayidinga imingcele—futhi ekujuleni kwezinhliziyo zazo ziyayifuna. Ngakho beka imithetho, bese uqiniseka ukuthi ingane yakho iyayiqonda. Incwadi ethi Letting Go With Love and Confidence, ithi: “Lapho izingane zinikezwa imingcele ecacile futhi zilindele ukuba abazali baziqondise ngezinga elithile, aba mancane amathuba okuba zihluphe.” Ngakolunye uhlangothi, abazali abayekelelayo abavumela izingane zenze umathanda, babonisa ukuthi abanandaba. Lokho kuyokwenza ingane ibe ihlongandlebe.—Isimiso seBhayibheli: IzAga 29:15.

Khona-ke, ungalinganisela kanjani? Vumela ingane iveze indlela ezizwa ngayo ngemithetho yasekhaya. Ngokwesibonelo, uma icela ukuba yelulelwe isikhathi okufanele ibuye ngaso ekhaya kusihlwa, ilalele njengoba ibeka izizathu. Ingane eyaziyo ukuthi iye yalalelwa iyothambekela kakhudlwana ekutheni ihloniphe futhi izithobe esinqumweni osithathile—ngisho noma ingahambisani naso.—Isimiso seBhayibheli: Jakobe 1:19.

Nokho, ngaphambi kokuba wenze isinqumo, khumbula lokhu: Nakuba izingane esezithombile zithambekele ekufuneni inkululeko ethe xaxa kunaleyo ezifanele, abazali bangase bathambekele ekuzinikezeni inkululeko encane kunaleyo efanele. Ngakho cabangisisa ngesicelo sengane yakho. Ingabe isike yabonisa ukuthi ingethenjwa? Ingabe izimo zenza kufaneleke ukuba uyivumele? Zimisele ukuvumelana nezimo lapho kufaneleka.—Isimiso seBhayibheli: Genesise 19:17-22.

Ngaphandle kokulalela ingane yakho lapho iveza imizwa yayo, qiniseka ukuthi nayo uyayitshela izinto ezikukhathazayo. Ngokwenza kanjalo, ungase uyifundise ukuba ingacabangeli izifiso zayo kuphela kodwa nemizwa yabanye.—Isimiso seBhayibheli: 1 Korinte 10:24.

Okokugcina, yenza isinqumo bese uchaza izizathu zakho zokusenza. Ngisho noma ingane yakho ingajabule ngesinqumo sakho, cishe iyajabula ngokuthi abazali bayo bayayilalela. Khumbula, ingane esenkathini yokuthomba ilungiselela ukuba umuntu omdala. Ngokubeka imithetho enokulinganisela futhi uxoxe nayo ngayo, uyoyisiza ukuba ikhule ibe ngumuntu omdala okwaziyo ukuzimela.—Isimiso seBhayibheli: IzAga 22:6.

^ isig. 5 Izimiso okuxoxwa ngazo lapha zisebenza kukho kokubili abafana namantombazane.