Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 Ingabe Kwaklanywa?

Ukuhamba Kwezinhlanzi Njengeqembu

Ukuhamba Kwezinhlanzi Njengeqembu

Izingozi zezimoto zibulala abantu abangaphezu kwesigidi futhi zilimaza abantu abalinganiselwa ezigidini ezingu-50 unyaka ngamunye. Kodwa izigidi zezinhlanzi zingatshuza ndawonye njengeqembu futhi zingashayisani nhlobo. Zikwenza kanjani lokho, futhi yini ezingasifundisa yona ngendlela esinganciphisa ngayo ukushayisana kwezimoto?

Cabanga ngalokhu: Izinhlanzi ezihamba njengeqembu zibona indawo ezizungezile ngamehlo azo nangenzwa ekhethekile ebizwa ngokuthi i-lateral line. Zisebenzisa lezi zinzwa ukuze zithole ukuthi ezinye izinhlanzi zikuphi, futhi ngaleyo ndlela zibe sezenza lokhu okulandelayo:

  1. Ukuhamba zilinganisene. Zihamba ngejubane elifanayo nezinye izinhlanzi futhi zizigcina ziqhelelene ngebanga elifanele.
  2. Ibanga phakathi kwazo. Ziya ngasezinhlanzini eziqhele ngegebe elikhudlwana kuzo.
  3. Ukugwema ukushayisana. Zishintsha indlela ukuze zigweme ukuthintana nezinye izinhlanzi.

Esebenzisa lezo zici ezintathu zendlela izinhlanzi ezihamba ngayo njengeqembu, umenzi wezimoto eJapane waklama izimotshwana ezingamarobhothi ezingahamba njengeqembu kodwa zingashayisani. Esikhundleni samehlo, la marobhothi asebenzisa ubuchwepheshe bezokuxhumana; kunokuba asebenzise i-lateral line, asebenzisa i-laser ekala ibanga lento. Le nkampani ikholelwa ukuthi lobu buchwepheshe buyosiza ekuqedeni “ukushayisana” kwezimoto futhi “kuzuzise imvelo, kugwemeke nesiminyaminya sezimoto.”

UToshiyuki Andou, unjiniyela oyinhloko womsebenzi wokwakha izimoto ezingamarobhothi, wathi: “Siphinde senza izinhlanzi ezihamba njengeqembu ngokusebenzisa ubuchwepheshe banamuhla ngokugcwele. Thina, embonini yezezimoto, kunokuningi okufanele sikufunde endleleni izinhlanzi ezihamba njengeqembu eziziphatha ngayo.”

Ucabangani? Ingabe izinhlanzi ezihamba njengeqembu zimane nje ziwumphumela wenqubo engaqondiswa muntu? Noma ingabe zaklanywa?