Dlulela kokuphakathi

INGABE KWADALWA?

Ikhono Lehlengethwa Lokuhlola Izinto Lisebenzisa Umsindo

Ikhono Lehlengethwa Lokuhlola Izinto Lisebenzisa Umsindo

Amahlengethwa enza imisindo ehlukahlukene, bese eyayilalela ukuze ahlole indawo ewazungezile njengoba ehamba kuyo. Ngenxa yokuhlola indlela ihlengethwa elisebenzisa ngayo imisindo, ososayensi benza amathuluzi asebenzisa imisindo ngaphansi kwamanzi ukuze baxazulule izinkinga imishini yezobuchwepheshe yamanje engakakwazi ukuzixazulula.

Cabanga ngalokhu: Ihlengethwa lisebenzisa umsindo ukuze lithole izinhlanzi ezicashe esihlabathini ngaphansi kolwandle, futhi liyakwazi ukuhlukanisa phakathi kwenhlanzi netshe. UKeith Brown, onguprofesa eHeriot-Watt University, e-Edinburgh, eScotland, uthi lesi silwane sikwazi “ukuhlukanisa phakathi kwento ephethe amanzi okuphuza, amanzi anosawoti, amanzi anoshukela nento enowoyela. Lokhu ikwazi ukukwenza ngisho noma leyo nto iqhele ngamamitha ayishumi.” Ososayensi bafisa ukwakha imishini yobuchwepheshe ekwazi ukwenza lokho ihlengethwa elinekhono lokukwenza.

Amahlengethwa akwazi nokubona ukuthi into eqhele ngamamitha ayishumi ithweleni

Abacwaningi bahlole indlela ihlengethwa elenza ngayo imisindo nendlela elilalela ngayo, base bezama ukwenza imishini eyenza okufanayo. Bakwazile ukwenza umshini omncane okwazi ukungena epayipini elinobude obungaphansana kwemitha. Lo mshini uxhunywa komunye omshini omkhulu ohamba ngaphansi kwamanzi owenzelwe ukuthola izinto ezigqibeke esihlabathini njengamapayipi nezintambo zikagesi, nokuzihlola lezi zinto ngaphandle kokuthi uze uzithinte. Abenzi balo mshini bafisa ukuba usetshenziswe ezimbonini zikawoyela nezikaphethiloli. Lo mshini ungasiza ekutholeni imininingwane eyengeziwe kunalokho imishini ekhona manje ekwazi ukukwenza. Ungasiza nasekukhetheni izindawo ezikahle zokufaka imishini ngaphansi kwamanzi, nokuba izimboni zikwazi ukuyihlola leyo mishini ukuze zibone lapho izinsimbi zayo sezilimele noma uma amapayipi eseqala ukuvaleka.

Ucabangani? Ingabe kwavele kwazenzakalela ukuba ihlengethwa likwazi ukuba naleli khono lokukala lisebenzisa umsindo, noma kunothile owalipha leli khono?