Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukucekelwa phansi kwempahla yabafowethu nodadewethu akubayekisanga ukukhonza uJehova

IGEORGIA | Kusukela Ngo-1998 Kuya Ku-2006

Ukwesatshiswa Akuzange Kubavimbele Ukuba Bakhonze UJehova

Ukwesatshiswa Akuzange Kubavimbele Ukuba Bakhonze UJehova

Abazalwane nodadewethu baqhubeka behlangana ndawonye ngaphandle kokwesaba. Ngokuhlakanipha, abadala bahlela izindlela zokuvikela abamemezeli. UMfoweth’ u-André Carbonneau, ummeli waseCanada owavikela abafowethu phakathi naleyo minyaka, uyakhumbula: “Umzalwane othile wayevame ukuma eduze nendawo okwakuhlanganyelwa kuyo ephethe umakhalekhukhwini. Lapho ebona isixuku sisondela, wayebathinta ngokushesha abadala abaxwayise.”

Abantu bashisa umuzi womndeni wakwaShamoyan (kwesobunxele) nendawo yokugcina izincwadi (kwesokudla)

Njalo uma kube nenkinga, kwakuza abameleli begatsha ababili bezobaqinisa. U-André uthi, “Kwakumangaza ukuthi abameleli begatsha babefika la kuhlanganyelwa khona bathole kugcwele abantu abajabule nabamomothekayo.”

Abafowethu babhekana nabaphikisi kokubili ngaphakathi nangaphandle kwenkantolo

Labo ababengathintekile ngokuqondile, kuhlanganise nabafundi beBhayibheli, babonisa ukuzimisela okufanayo. U-André ukhumbula ekhuluma nowesifazane owayesezoba ummemezeli ongabhapathiziwe. Owesifazane wathi: “Lapho ngibona lokho kuhlaselwa kuyithelevishini, ngabona umehluko phakathi kwamaKristu eqiniso nawamanga futhi ngifuna ukuba umKristu weqiniso.”

Ukuvikela Abazalwane Ngesibindi

Phakathi naleyo minyaka enzima, abamemezeli babeka isibonelo sokholo nesibindi ngokuqhubeka bematasa emsebenzini wokushumayela. Labo ababehileleke ekuvikeleni abafowethu enkantolo babonisa ukholo olufanayo.

Imibiko yabezindaba yayivame ukunyundela oFakazi, ibaveze njengabantu abahlukanisa imindeni, abangafuni ukwelashwa nabamelene noMbuso. Abameli babo babefaka idumela labo nemisebenzi yabo engozini.

Abazalwane abanesibindi abasebenza eMnyango Wezomthetho e-United States bavikela abazalwane abakanye nabo enkantolo

UJohn Burns, ummeli ovela egatsheni laseCanada, owasiza abazalwane baseGeorgia ngaleyo minyaka, uyakhumbula: “Abafowethu nodadewethu bendawo ababengabameli bazenza batholakala. Nakuba babebeka imisebenzi yabo engcupheni, babengesabi ukuya enkantolo baziveze ukuthi bangoFakazi BakaJehova.” Labo Fakazi abanesibindi basiza “ekuvikeleni nasekumiseni ngokomthetho izindaba ezinhle.”—Fil. 1:7.

AbaseGeorgia Baveza Uvo Lwabo Ngokumelene Nodlame

Ukuhlaselwa ngodlame koFakazi kwakulokhu kuqhubeka. Ngakho kusukela ngo-January 8, 2001, oFakazi babhala incwadi futhi bayihambisa kubantu ukuba bayisayine, kuyo babecela ukuvikelwa ezixukwini ezazibahlasela nokuba kugwetshwe labo ababehlukumeza izakhamuzi ezinokuthula.

UMfoweth’ uBurns uchaza injongo yalesi sicelo: “Inhloso yethu yayiwukubonisa ukuthi iningi labantu alihambisani nokuhlukunyezwa koFakazi BakaJehova nokuthi yiqembu elincane labeqisi benkolo elalishoshozela lolu dlame.”

Engakapheli amasonto amabili, abantu abangu-133 375 bakuzo zonke izifunda zaseGeorgia—iningi labo elalingama-Orthodox—base besisayinile isicelo. Nakuba lesi sicelo sayiswa kuMongameli uShevardnadze, ukuhlunyezwa akuzange kuphele. Abashisekeli benkolo babelokhu benoFakazi shaqa.

Izinkulungwane zabantu baseGeorgia zasayina isicelo esimelene nokuhlukunyezwa koFakazi

UJehova waqhubeka ebabusisa abantu bakhe. Njengoba abashisekeli benkolo babelokhu behlupha abantu bakaNkulunkulu, uJehova wayeqhubeka ekhipha abaqotho enkolweni yamanga.

Ukugqashula Enkolweni Yamanga

UBabilina Kharatishvili, wayeyilungu elizinikele leSonto lobu-Orthodox eGeorgia cishe ukuphila kwakhe konke. Ngesikhathi esevile eminyakeni engu-30, wayehamba amadolobha amakhulu namancane efundisa abantu ngokuphila kosanta.

UBabilina wayefuna ukwazi okwengeziwe ngoNkulunkulu. Ngakho, wanquma ukuya esikoleni sokufundela ubufundisi esontweni lobu-Orthodox eGeorgia. Ngelinye ilanga, umfundisi wabatshengisa incwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade wabe esebakhuthaza ukuba bayicele koFakazi BakaJehova. Wathi kubo: “Le ncwadi inganifundisa okuningi ngeBhayibheli.”

UBabilina washaqeka. Wayehlale ebagwema oFakazi kodwa manje umfundisi usethi abacele izincwadi zabo! Wacabanga, ‘Uma kungoFakazi BakaJehova abazongifundisa ngoNkulunkulu, ngifunani pho la?’ Ngokushesha, wathintana noFakazi basedolobheni lasePoti wabe eseqala ukutadisha iBhayibheli.

Njengoba uBabilina ayefunda okwengeziwe eBhayibhelini, wenza izinguquko ezibalulekile ekuphileni kwakhe. Wathi: “Lapho ngizibonela ngawami ukuthi iBhayibheli lithi akufanele sikhulekele izithombe, ngaziyeka zonke izinhlobo zokuzikhulekela. Ngangiqiniseka ngokuthi kufanele ngiyeke.” Nakuba ayesevile eminyakeni engu-70, wanquma ukuba uFakazi KaJehova.

UBabilina waxoxela umzukulu wakhe u-Izabela amaqiniso eBhayibheli

Ngokudabukisayo, uBabilina wagula washona ngo-2001 engakabhapathizwa. Kamuva umzukulu wakhe, u-Izabela, wabhapathizwa futhi manje ukhonza uJehova ngokwethembeka.

Wayefuna Ukuba Indela

U-Eliso Dzidzishvili wayeneminyaka engu-28 lapho enquma ukuba indela. Njengoba sasingekho isikhungo sezindela edolobheni langakubo iTkibuli, wanquma ukuya eTbilisi ngo-2001. Ngesikhathi esafuna indawo esikhungweni sezindela, wabamba itoho lokuba uthisha. Enye yezingane ayezifundisa kwakuyindodakazi kadade okuthiwa uNunu.

U-Eliso uthi: “Sasivame ukukhuluma ngeBhayibheli. Ngangiyilwela ngokuqinile inkolo yobu-Orthodox, kodwa uNunu yena engiphendula ngesineke esebenzisa iBhayibheli. Ngelinye ilanga, wacela ukufunda nami incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Njengoba sasifunda izigaba sibheka namavesi eBhayibheli, ngaphawula ukuthi ukukhonza izithombe kuwukukweqa umyalo kaNkulunkulu.”

Kamuva, u-Eliso waya esontweni lendawo wacela ukubuza umfundisi imibuzo. Ezimpendulweni azithola, wabona ukuthi izimfundiso zesonto azisekelwe eBhayibhelini. (Marku 7:7, 8) Eqiniseka ngokuthi wayeselitholile iqiniso, ngokushesha waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova wabe esebhapathizwa.

U-Eliso Dzidzishvili (kwesobunxele), owayefuna ukuba indela noNunu Kopaliani (kwesokudla)

Ukwakha AmaHholo OMbuso Naphezu Kokuphikiswa

Ngo-2001, inani elandayo lamabandla lenza kwaba nesidingo sezindawo ezifanelekayo zokukhulekela. Ngokwesilinganiso, kwakudingeka amaHholo OMbuso angaba ngu-70. Ngakho, naphezu kokuphikiswa kwaqalwa uhlelo lokwakha amaHholo OMbuso eGeorgia.—Ezra 3:3.

Ngokushesha, iqembu lezokwakha laqala ukulungisa isakhiwo esasikade sisetshenziswa amabandla amaningana eTbilisi. Kwaqalwa neminye imisebenzi emibili yokwakha—owawuseTbilisi naseChiatura, entshonalanga yeGeorgia.

IHholo LoMbuso eTbilisi (kwesobunxele) elakhiwa kabusha (kwesokudla)

UMfoweth’ uTamazi Khutsishvili owasiza eChiatura, uyakhumbula: “Sasingu-15 esasisebenza esakhiweni nsuku zonke. Ngokushesha, wonke umuntu kuleli dolobha wayazi ukuthi sakha ihholo elisha. Ngezinye izikhathi, sasizwa amahlebezi okuthi kukhona ababefuna ukudiliza.”

Lo msebenzi wawuzofezeka kanjani nje kulokhu kuphikiswa? UTamazi uthi: “Saqhubeka nokwakha iHholo LoMbuso saliqeda ngezinyanga ezintathu. Naphezu kwalokho kwesatshiswa, akekho noyedwa kubaphikisi oweza.” *

Usizo Olwalubhekwe Ngabomvu

Amalungu eqembu lobu-Orthodox elishisekela inkolo aboshwe kanye nomholi wawo uVasili Mkalavishvili

Ngo-2003, kwaqalwa umsebenzi wokwakha edolobheni laseSamtredia. Nakulo msebenzi, abashisekeli benkolo batshela abazalwane ukuthi bazofika bezodiliza isakhiwo. Empeleni, izindonga zazisanda kumiswa nje nodaka lusemanzi lapho abaphikisi befika futhi besidiliza isakhiwo.

Nokho, ngo-November 2003, ushintsho olwenzeka eGeorgia lwaletha impumuzo kubafowethu nodadewethu. Ushintsho olwenzeka kuhulumeni lwaholela ekuhlonishweni kakhudlwana kwamalungelo angokwenkolo. Lokho kwenza ukuthi amalungu amaningana eqembu labashisekeli bobu-Orthodox ayehlasele oFakazi BakaJehova aboshwe.

Abantu BakaNkulunkulu Bayabusiswa

Ngokushesha ngemva kokuphela koshushiso, abantu bakaJehova eGeorgia bathola izibusiso eziningi. Emhlanganweni wesifunda wango-2004, kwakhululwa INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngesiGeorgia.

Esinye isenzakalo esiyingqopha-mlando senzeka eMhlanganweni Wesifunda Ka-2006 owawunesihloko esithi “Ukukhululwa Kuseduze!” Kwaba nesasasa elikhulu lapho ababeze emhlanganweni bezwa ukuthi uGeoffrey Jackson, ilungu leNdikimba Ebusayo, wayezobeka inkulumo. Yeka indlela abamangala ngayo lapho uMfoweth’ uJackson ekhulula INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ephelele ngesiGeorgia!

Kukhululwa INguqulo YeZwe Elisha ngesiGeorgia ngo-2006

Amehlo abaningi agcwala izinyembezi zenjabulo. Omunye udade wathi: “Angikwazi nokusho ukuthi ngajabula kanjani lapho ngithola iBhayibheli eliphelele. . . . Ngempela kwakuyisenzakalo esingasoze salibaleka.” Bangaphezu kuka-17 000 abantu abajabulela leli dili elingokomoya elaba ingqopha-mlando emlandweni wabantu bakaJehova eGeorgia.

^ isig. 29 Kusukela ngo-2001 kuya ku-2003, kwakhiwa amaHholo OMbuso angu-7 eGeorgia.