Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UMBUZO 1

Ngingubani?

Ngingubani?

OKWENZA LOKHU KUBALULEKE

Ukwazi ukuthi ungubani nokuthi yini oyikholelwayo kuyokusiza wenze izinqumo ezihlakaniphile lapho ucindezelwa.

UBUNGENZANI?

Ake ucabange ngalesi simo: Ingakapheli imizuzu eyishumi uMbali efikile ephathini, uzwa izwi alijwayele ngemva kwakhe.

“Wama nje lapho, kwenzenjani?”

Lapho ephenduka, uMbali ubona umngane wakhe uZandile ephethe amabhodlela amabili asanda kuvulwa. Uyabona ukuthi anotshwala. UZandile unika uMbali ibhodlela bese ethi, “Iminyaka isiyakuvumela ukuba ujabule kancane angithi?”

UMbali ufuna ukwenqaba, kodwa uZandile ungumngane wakhe. UMbali akafuni umngane wakhe acabange ukuthi uzenza isalukazi. Ngaphandle kwalokho, uZandile ungenye yamantombazane aziphethe kahle. Uma yena ephuza, kusho ukuthi akukubi kakhulu. UMbali ube esezitshela ukuthi, ‘Isiphuzo nje esingasho lutho. Akufani nokusebenzisa izidakamizwa.’

Ubungenzenjani ukube ubunguMbali?

YIMA UCABANGE!

Ukuze wenze isinqumo esihlakaniphile kulesi simo, kufanele uzazi ukuthi ungubani. Ukuzazi ukuthi ungubani kubhekisela kulokho okukholelwayo nalokho okumelelayo. Uma usuhlome ngalolo lwazi, uba namandla okulawula ukuphila kwakho kunokuba uvumele abanye bakulawule.—1 Korinte 9:26, 27.

Ungawathola kanjani amandla anjalo? Ungaqala ngokuphendula imibuzo elandelayo.

YIMAPHI AMAKHONO ENGINAWO?

Ukwazi amakhono akho amahle kuyokusiza uzethembe.

ISIBONELO SEBHAYIBHELI: Umphostoli uPawulu wabhala: “Noma ngingenalo ikhono ekukhulumeni, ngokuqinisekile angiyena ongenalo olwazini.” (2 Korinte 11:6) Ngenxa yokuthi wayeyiqonda kahle imiBhalo, uPawulu wakwazi ukuqhubeka eqinile lapho abanye bemelana naye. Akavumelanga ukuba amazwi abo alimazayo amenze buthaka.—2 Korinte 10:10; 11:5.

ZIHLOLE: Ngezansi, bhala ikhono onalo.

Manje chaza imfanelo enamandla onayo. (Ngokwesibonelo, ingabe uyakhathalela? uyaphana? unokwethenjelwa? uyasihlonipha isikhathi?)

2 YIBUPHI UBUTHAKA BAMI?

Njengoba ukuqina kwentambo kuxhomeke endleleni olibophe laqina ngayo ifindo, idumela lakho lixhomeke endleleni obulawula ngayo ubuthaka onabo.

ISIBONELO SEBHAYIBHELI: UPawulu wayebazi ubuthakathaka bakhe. Wabhala: “Ngiyajabula ngempela ngomthetho kaNkulunkulu ngokomuntu enginguye ngaphakathi, kodwa ngibona emalungwini ami omunye umthetho olwa nomthetho wengqondo yami futhi ongithumbela emthethweni wesono osemalungwini ami.”—Roma 7:22, 23.

ZIHLOLE: Yibuphi ubuthaka okudingeka ufunde ukubulawula?

3 IYINI IMIGOMO YAMI?

Ungangena yini etekisini bese utshela umshayeli ukuthi ajikeleze endaweni eyodwa kuze kuphele uphethiloli? Leso kungaba isenzo sobuwula!

Isifundo? Imigomo yenza ukuphila kwakho kube nenjongo, ugweme ukujikeleza endaweni eyodwa. Esikhundleni salokho, uyathuthuka ekuphileni futhi uba nendlela yokufinyelela leyo njongo.

ISIBONELO SEBHAYIBHELI: UPawulu wabhala: “indlela engiqondisa ngayo amagalelo ami ingeyokuba ngingashayi umoya.” (1 Korinte 9:26) Kunokuba uPawulu aphile nje ngendlela engenanjongo, wazibekela imigomo futhi waphila ngokuvumelana nayo.—Filipi 3:12-14.

ZIHLOLE: Ngezansi, bhala phansi imigomo emithathu ongathanda ukuyifinyelela ungakapheli unyaka ozayo.

4 ZIYINI IZINKOLELO ZAMI?

Uma uzazi ukuthi ungubani, ufana nesihlahla esinezimpande ezijulile esingamelana nezivunguvungu ezinamandla

Uma ungenayo into okholelwa kuyo, uyolandela yonke imibono oyizwayo. Njengonwabu, uyoshintsha imibala ukuze ufane nontanga yakho—into ebonisa ngokucacile ukuthi awuzazi ukuthi ungubani.

Ngokuphambene nalokho, uma izenzo zakho zisekelwe kulokho okukholelwayo ngeke ulandele imibono ongavumelani nayo—kungakhathaliseki ukuthi abanye benzani.

ISIBONELO SEBHAYIBHELI: Cishe ngesikhathi esemusha, umprofethi uDaniyeli “wanquma enhliziyweni yakhe” ukuthi uzolalela imithetho kaNkulunkulu, ngisho noma ayehlukanisiwe nomndeni wakubo. (Daniyeli 1:8) Ngokwenza kanjalo wanamathela kulokho ayekukholelwa. UDaniyeli akazange ayishintshe indlela abheka ngayo izinto.

ZIHLOLE: Ziyini izinkolelo zakho? Ngokwesibonelo: Uyakholelwa yini kuNkulunkulu? Uma ukholelwa kuye, kungani? Yibuphi obufakazi obukwenza uqiniseke ukuthi ukhona?

Uyakholelwa yini ukuthi imithetho kaNkulunkulu yokuziphatha yenzelwe ukusiza wena? Uma kunjalo, kungani?

Ekugcineni ukhetha ukufana nani—neqabunga eliwile eliphephethwa umoya noma nesihlahla esimelana nezivunguvungu ezinamandla? Uma unamathela kulokho okukholelwayo, uzofana nesihlahla. Lokho kuyokusiza uphendule umbuzo othi, Ngingubani?