Dlulela kokuphakathi

IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

“Kwakubonakala Sengathi Nginakho Konke”

“Kwakubonakala Sengathi Nginakho Konke”
  • UNYAKA AZALWA NGAWO: 1962

  • IZWE AZALELWA KULO: ECanada

  • UMLANDO: Wayengenasimilo

UKUPHILA KWAMI

 Ngazalelwa eMontreal, idolobha elikhulu kunawo wonke esifundazweni saseQuebec, eCanada. Mina nezingane zakithi sakhuliswa abazali abanothando, eRosemont. Kwakunokuthula ekhaya.

 Ngangilithanda iBhayibheli ngisemncane. Ngikhumbula ukuthi ngineminyaka ewu-12, ngafunda ngokuphila kukaJesu eTestamenteni Elisha, futhi ngakujabulela kakhulu engakufunda. Ukufunda ngendlela ayephatha ngayo abanye abantu, kwangenza ngafuna ukumlingisa. Okudabukisayo ukuthi leso sifiso saphela njengoba ngikhula ngoba ngase nginabangane ababi.

 Ubaba wayedlala i-saxophone futhi wangenza ngawuthanda umculo. Kamuva wangipha yona futhi umculo waba yinto ebaluleke kakhulu ekuphileni kwami. Umculo ngangiwuthanda kangangokuthi ngafunda nokudlala isiginci. Ngokuhamba kwesikhathi mina nabangane bami saqala iqembu le-rock, futhi sasidlala umculo wethu ezindaweni ezihlukahlukene. Ophrojusa abaningi abadumile baliqaphela ikhono enganginalo, ngakho babengicela ukuba ngisebenze nabo. Ngasayina isivumelwano nenkampani enkulu yokurekhoda. Umculo wami wawuthandwa futhi udlalwa kakhulu emsakazweni waseQuebec.

 Kwakubonakala sengathi nginakho konke. Ngangimncane, ngidumile futhi ngikhokhelwa imali eningi ngokwenza into engangiyithanda. Emini ngangiya ejimini, ngixoxe nezintatheli, ngisayinele abalandeli bami ama-autograph, ngivele nasezinhlelweni zethelevishini. Ebusuku ngangicula ngiye nasemaphathini. Nakuba ngangisemncane, ngaqala ukuphuza utshwala ukuze ngiqede amahloni. Ngokuhamba kwesikhathi, ngaqala ukusebenzisa izidakamizwa. Ngangenza izinto eziyingozi futhi ngiziphethe kabi.

 Abanye babefisa ukuba njengami ngoba ngangibonakala ngijabule. Kodwa ngaphakathi ngangingajabule futhi ngangizwa sengathi kukhona okushodayo, ikakhulukazi lapho sengingedwa. Ngangicindezelekile futhi ngikhathazekile. Okubuhlungu ukuthi lapho sengithuthuke ngempela, ophrojusa bami ababili bafa, bebulawa ingculaza. Ngethuka! Ngangiwuthanda impela umculo, kodwa indlela okwakuphilwa ngayo kulo mkhakha yayinginyanyisa.

INDLELA IBHAYIBHELI ELASHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI

 Nakuba izinto zazihamba kahle ekuphileni kwami, ngangibona ukuthi kuningi okwakungahambi kahle emhlabeni. Kungani kwakwenzeka izinto ezimbi kangaka? Ngangizibuza ukuthi kungani uNkulunkulu ayengazilungisi izinto. Empeleni, ngangithandaza njalo kuNkulunkulu ngicela izimpendulo. Ngesikhathi ngisathathe ikhefu ekuculeni ezindaweni ezihlukahlukene, ngaphinde ngaqala ukufunda iBhayibheli. Nakuba okuningi engangikufunda ngangingakuqondi kahle, kodwa ngaqonda ukuthi ukuphela kwezwe kwase kuseduze.

 Ekufundeni kwami iBhayibheli ngathola ukuthi ngesinye isikhathi uJesu wahlala izinsuku ezingu-40 ehlane engadli lutho. (Mathewu 4:​1, 2) Ngacabanga ukuthi mhlawumbe uma nami ngangingenza okufanayo, uNkulunkulu wayezoziveza kimi. Ngakho ngazibekela usuku engangizoqala ngalo. Kusasele amasonto amabili ngiqale ukuzila ukudla kwafika oFakazi BakaJehova ababili kwami, ngabamukela ngenkulu intokozo. Ngabuza omunye wabo, uJacques: “Singazi kanjani ukuthi siphila ezinsukwini zokugcina?” Ukuze angiphendule, wavula iBhayibheli lakhe kweyesi-2 Thimothewu 3:​1-5. Ngabahloma imibuzo eminingi futhi ngayithanda indlela ababengiphendula ngayo, ngoba konke ababekusho kwakunengqondo futhi bekuthatha emiBhalweni. Ngemva kokuxoxa nabo izikhathi ezimbalwa, ngabona ukuthi sasingekho isidingo sokuzila ukudla.

 Ngaqala ukulitadisha njalo iBhayibheli noFakazi. Ngokuhamba kwesikhathi ngagunda izinwele zami ezinde, futhi ngaqala ukuya kuyo yonke imihlangano yabo eHholo LoMbuso langakithi. Ukungamukela kwabo ngemfudumalo kwangenza ngaqiniseka ukuthi ekugcineni ngangilitholile iqiniso.

 Ukuze ngikusebenzise engangikufunda, kwadingeka ngenze ushintsho olukhulu ekuphileni kwami. Ngokwesibonelo, kwadingeka ngiyeke ukusebenzisa izidakamizwa ngiyeke nokuziphatha okubi. Kwadingeka ngiyeke ukuzicabangela mina kuphela, ngifunde ukucabangela nabanye. Njengoba nganginezingane, kwadingeka ngifunde ukuzinakekela ngokomzwelo futhi ngizifundise ngoNkulunkulu. Ngakho ngawuyeka umculo, ngathola umsebenzi owawuholela kancane kwenye ifemu.

 Kwakungelula ukwenza lonke lolu shintsho. Njengoba ngangizama ukuyeka izidakamizwa, ngagula futhi ngaphinde ngazisebenzisa izikhathi ezimbalwa. (Roma 7:​19, 21-​24) Kwaba nzima nakakhulu ukuyeka ukuziphatha kabi. Umsebenzi wami omusha wawungishiya ngikhathele, futhi iholo lalingiqeda amandla. Kwangithatha izinyanga ezintathu ukuhlanganisa imali engangiyihola ngamahora amabili kuphela ngisewumculi.

 Ukuthandaza kwangisiza ngabekezela, ngazenza zonke lezi zinguquko ezinzima. Ngafunda nokuthi kubalulekile ukulifunda njalo iBhayibheli. Kunamavesi eBhayibheli ayengikhuthaza kakhulu. Elinye lawo eyesi-2 Korinte 7:1 ekhuthaza amaKristu ukuba “azihlanze kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya.” Omunye umBhalo owangiqinisekisa ukuthi ngingakwazi ukuyeka imikhuba yami emibi, eyabaseFilipi 4:13 ethi: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.” UJehova uNkulunkulu wayiphendula imithandazo yami, wangisiza ukuba ekugcineni ngiliqonde iBhayibheli futhi ngilisebenzise ekuphileni kwami. Lokho kwangisiza ukuba nginikele ukuphila kwami kuye. (1 Petru 4:​1, 2) Ngo-1997, ngabhapathizwa ngaba uFakazi KaJehova.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO

 Ngiyaqiniseka ukuthi ukube ngaqhubeka ngiphila ngendlela engangiphila ngayo, ngabe kade ngafa. Kunalokho, manje ngijabule ngempela! Umkami u-Elvie uyisibusiso kimi. Sobabili umsebenzi wethu oyinhloko ukufundisa abanye iBhayibheli, futhi siwujabulela kakhulu. Ngijabule futhi nganelisekile. Ave ngimbonga uJehova ngokungidonsela kuye.​—Johane 6:​44.