Dlulela kokuphakathi

Umfundisi Uthola Izimpendulo

Umfundisi Uthola Izimpendulo

 Ngolunye usuku lapho u-Eliso, ongomunye woFakazi BakaJehova, wayeqhuba isifundo seBhayibheli emzini wowesifazane owayethanda ukulalela, lo wesifazane wathola izivakashi ayengazilindele. Emnyango kwakukhona umfundisi ephelezelwa umkakhe. U-Eliso wayesanda kuthola ukuthi emavikini amabili adlule le ndoda nomkayo bagulelwa indodana ewukuphela kwayo yabe isiyashona.

 Lapho u-Eliso ebatshela indelal ayebuhlungu ngayo ngokuthi bashonelwe indodana yabo, umfundisi nomkakhe baqala ukukhala kamunyu. Ngokucasuka, umfundisi wathi: “Angiqondi kungani uNkulunkulu avumela uvivinyo olunje! Wayengayithatha kanjani indodana yethu okuwukuphela kwayo? Sengikhonze uNkulunkulu iminyaka engu-28, ngenza izinto eziningi ezinhle, indlela angibuyisela ngayo le! Kungani uNkulunkulu ebulale indodana yami?”

 U-Eliso wachazela le ndoda nomkayo ukuthi uNkulunkulu akayithathanga indodana yabo. Waphinde waxoxa nabo ngezihloko ezifana nesihlengo, uvuko nokuthi kungani uNkulunkulu evumela izinto ezimbi zenzeke. Umfundisi nomakhe batshela u-Eliso ukuthi usebanikeze izimpendulo abebelokhu bezithandazela.

 Ngesonto elilandelayo umfundisi nomkakhe babauyela kulo wesifazane owayekuthanda ukulalela ukuze batadishe no-Eliso iBhayibheli. U-Eliso nalo wesifazane babexoxa ngesahluko esithi “Ithemba Langempela Ngabathandekayo Bakho Abafile,” encwadini ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Le ndoda nomkayo babe magange ngokuba nengxenye engxoxweni.

 Bobabili kamva baya emhlanganweni okhethekile woFakazi BakaJehova eTbilisi, eGeorgia, futhi babengeve bethintekile ukubona uthando nobunye abakubona—izimfanelo ababekade bezama ukuzigxilisa esontweni labo kodwa kungaphumeleli.