Dlulela kokuphakathi

Isifundo SeBhayibheli Esisodwa Saba Eziningi

Isifundo SeBhayibheli Esisodwa Saba Eziningi

 UMarta, ongomunye woFakazi BakaJehova eGuatemala, ufunda ulimi lwesiKekchi ukuze akwazi ukuhlanganyela nabanye abantu abakhuluma lolu limi umyalezo weBhayibheli. Ngolunye usuku wabona indoda iphuma esibhedlela. Lapho uMarta eyibona, wacabanga ukuthi mhlawumbe iqhamuka endaweni yaseKekchi endaweni eyizintaba lapho oFakazi BakaJehova bengakaze bashumayele khona. Wasondela kuyo wakhuluma nayo ngesiKekchi esebenzisa amagama ambalwa awaziyo.

 UMarta wacela ukuqhubela le ndoda isifundo seBhayibheli. Yakujabulela lokho kodwa yamtshela ukuthi ayinayo nemali yokusikhokhela. UMarta wachaza ukuthi oFakazi BakaJehova bafunda nabantu iBhayibheli mahhala. Waphinde wamtshela ukuthi bengafunda besebenzisa ucingo nokuthi wonke umndeni wayo le ndoda ungafunda nawo. Le ndoda yavuma. Ngenxa yokuthi yayikhuluma futhi ikwazi ukufunda iSpanishi, uMarta wayinika ikhophi ye-Nguqulo YeZwe Elisha YemiBhalo Engcwele yeSpanishi. Waphinde wayikeza ikhophi yesiKekchi yencwadi ethi Lisifundisani Ngempela IBhayibheli? Ngesonto elilandelayo, le ndoda, umkayo nezingane zabo ezimbili baqala ukufunda iBhayibheli noMarta ngocingo. Babefunda kabili ngesonto. UMarta uthi “Ngenxa yokuthi ngangingakwazi ukukhuluma kahle isiKekchi, sasifunda ngeSpanishi, bese indoda itolikela unkosikazi wayo lokho okushiwoyo. Izingane zazisiqonda iSpanishi.”

 Le ndoda yayingumfundisi esontweni layo. Yaqala ukufundisa esonta nabo lokho eyayikufunda esifundweni sayo seBhayibheli. Amakholwa akuthanda lokho ayekuzwa abe esembuza ukuthi uzifunde kuphi lezi zimfundiso ezintsha. Lapho ibatshela ngesifundo seBhayibheli, baqala ukujoyina ngabanye ngabanye. Kungekudala, abantu abangaba ngu-15 babehlangana isonto ngalinye ukuze bafunde ngocingo noMarta. Ngokuhamba kwesikhathi, babeka i-microphone eduze kwefoni ukuze wonke umuntu ezozwa.

 Lapho uMarta etshela abadala abasebandleni akulo ngalezi zifundo zeBhayibheli, omunye wabo wavakashela le ndawo lapho kuhlala khona labo abafunda iBhayibheli. Wabacela ukuba bezolalela inkulumo yomphakathi eyayizonikezwa umbonisi wesigodi a endawo eqhele ngehora elilodwa uma uhamba ngemoto kanti amahora amabili uma uhamba ngezinyawo. Abafundi bavuma, kwaba khona abangu-17.

 Ngemva kwamasonto, umbonisi wesigodi nabanye oFakazi bachitha izinsuku ezine nalaba bafundi. Ekuseni, babebukela amavidiyo esiKekchi asekelwe eBhayibhelini ku-jw.org, bese betadisha incwajana ethi Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla? Ntambama, babukela izingxenye zohlelo lweJW Broadcasting. Umbonisi wesigodi waphinde wahlela ukuba umfundi ngamunye abe nomuntu ozomfundela iBhayibheli.

 Phakathi nosuku lwesine, oFakazi baphinde bashumayela endaweni eseduze neKekchi futhi babemema abantu emhlanganweni okhethekile. Kulowo mhlangano, abafowethu bamema abangu-47 ukuba babe nezifundo zabo zeBhayibheli. Imindeni engu-7 yasamukela isifundo.

 Ngemva kwezinyanga ezimbalwa, abadala bahlela ukuthi kube nomhlangano kule ndawo masonto onke. Namuhla, abantu abangaba ngu-40 baba khona emihlanganweni. Lapho abazalwane benza iSikhumbuzo sokufa kukaJesu lapho, bajabula ukuba nabantu abangu-91 ababa khona.

 Ekhumbula le ndaba indlela eyaqala neyathuthuka ngayo, uMarta uthi: “Ngiyambonga uJehova. Ngezinye izikhathi ngizizwa sengathi angikwazi ukwenza okuningi. Kodwa singamathuluzi esandleni sikaNkulunkulu. Wayazi ukuthi yini eyayisezinhliziyweni zabantu bakule ndawo, futhi wabadonsela kubantu bakhe. UJehova uyabathanda.”

a Umbonisi wesigodi isikhonzi esinguFakazi kaJehova esivakashela amabandla angaba ngu-20 akha isigodi.