Dlulela kokuphakathi

Baqhubekile Nokushumayela Phakathi Nobhubhane

Baqhubekile Nokushumayela Phakathi Nobhubhane

 Phakathi nobhubhane lwe-COVID-19, abafowethu nodadewethu bashintshe izindlela abashumayela ngazo umyalezo weBhayibheli oduduzayo. Esikhundleni sokushumayela ezindaweni zomphakathi noma ukuya emakhaya abantu, umsebenzi wabo omkhulu bawenze besebenzisa ucingo, nangokubhala izincwadi. a Abantu abaningi bakujabulele lokhu, nesibusiso sikaJehova sibe sobala. (IzAga 16:3, 4) Cabanga ngezinye izinto ezenzeke kwelinye izwe eliyisiqhingi.

 Ngaphambi kobhubhane, uHelen wayejwayele ukuvakashela owesifazane osemusha futhi acele ukumqhubela isifundo seBhayibheli. Kodwa njalo wayenqaba. Noma kunjalo, ngosuku olungaphambi kokuvaleleka ezindlini ngenxa ye-COVID-19, uHelen wamnika iBhayibheli nencwadi ethi Lingasifundisani IBhayibheli? Phakathi nesikhathi sokuvaleleka, uHelen waphinde wacela ukumqhubela isifundo seBhayibheli lona wesifazane osemusha, wachaza nokuthi isifundo sizoqhutshwa ngocingo. Kulokhu wasamukela isifundo. Wasijabulela ngempela isifundo futhi ngokushesha wacela uHelen ukuba bafunde zonke izinsuku! Esebenzisa ucingo, lona wesifazane waqala ukuba khona njalo emihlanganweni yobuKristu. Okuhle nakakhulu, akagcini nje ngokusebenzisa okushiwo iBhayibheli ekuphileni kwakhe kodwa uxoxela nabanye izinto azifundayo.

 Njengengxenye yenkonzo yabo, oFakazi kwelinye ibandla babhalela amaphoyisa endawo izincwadi ukuze bawabonge ngomsebenzi wawo obalulekile. Kwawamangaza lokhu amaphoyisa. Elinye iphoyisa lathi kuJefferson ongumdala ebandleni, “Bengizitshela ukuthi oFakazi BakaJehova abawathandi amaphoyisa.” UJefferson wabe esewulungisa lowo mbono oyiphutha. Ajabula kakhulu amaphoyisa ngomyalezo omuhle owawukulezi zincwadi, aze azichoma ngasemnyango wesiteshi sawo. Elinye iphoyisa labe selithi, “Lokhu kungasiza nabanye babe nombono omuhle ngathi.”

 U-Edna no-Ednalyn bobabili bangamaphayona avamile. b Ngenxa yokuthi babengenayo i-inthanethi, babengakwazi ukungena emihlanganweni yebandla eqhutshwa ngohlelo lwevidiyo. Ngakho bafonela umakhelwane wabo ongesiye uFakazi bacela ukusebenzisa i-inthanethi yakhe, bathi bazozikhokhela izindleko zalokho. Ngomusa umakhelwane wabo wabavumela ukuba bayisebenzise mahhala. Lapho u-Edna no-Ednalyn bemmema ukuba angene emihlanganweni, wenza kanjalo. Manje lo makhelwane, enye yamadodana akhe nabazukulu bakhe ababili bafunda iBhayibheli noFakazi futhi baba khona njalo emihlanganweni yobuKristu.

 Abazalwane nodade bendawo bamema omakhelwane, abasebenza nabo, nabanye enkulumweni yeningi eyayizobe ibukwa bukhoma ngohlelo lwevidiyo. U-Ellaine osebenza esibhedlela sendawo, waqale wangabaza ukumema asebenza nabo. Wayecabanga ukuthi abanye odokotela babengabathandi oFakazi. Noma kunjalo, wathumela imiyalezo wamema odokotela asebenza nabo. Kodwa kunabanye odokotela ababili u-Ellaine ayengabaza ngisho nakakhulu ukubamema—babeshadile. Nokho, ngemva kokucabangisisa ngale ndaba nokuthandaza ngayo wabathumelela umyalezo wesimemo. Inkosikazi yaphendula yathi: “Usufuna ngisonte esontweni lenu?” U-Ellaine wathi, wonke umuntu wamukelekile emihlanganweni, akuyona eyoFakazi BakaJehova kuphela. Ngakusasa, u-Ellaine wamangala lapho ebona le ndoda nomkayo beshesha bengena emhlanganweni! Uthi: “Ngaphambi kokuba imihlangano iphele, ngathola umyalezo ovela kule nkosikazi othi: ‘Ngiyaqala ngqa ukuba khona emihlanganweni yoFakazi BakaJehova. Bekumnandi. Ngijabulile. Ngiyabonga ngokungimema.’”

Ellaine

 U-Ellaine wayememe odokotela abangu-20 emhlanganweni futhi wajabula lapho ethola ukuthi abangu-16 baba khona. Ecaphuna umphostoli uPawulu uthi: “Ngiyajabula ngokuthi ‘Ngiqunge isibindi’ ukuze ngixoxe nengisebenza nabo ‘ngezindaba ezinhle zikaNkulunkulu.”—1 Thesalonika 2:2.

 Kube nzima kuwo wonke umuntu ukubhekana nobhubhane. Kodwa abafowethu nodadewethu kulesi siqhingi nakwezinye izindawo, bakwazile ukuqhubeka bejabule nokuqhubeka bebheka izinto ngendlela efanele ngokwenza abakwazi ukukwenza ukuze baduduze futhi basize abanye.—IzEnzo 20:35.

a OFakazi BakaJehova benza inkonzo yabo ngokuvumelana nemithetho evikela imininingwane yabantu.

b Amaphayona yizikhonzi zesikhathi esigcwele ezingamaKristu.