Dlulela kokuphakathi

Usizo Ezisebenzini Zasezibhedlela Ezibhekene Nokucindezeleka

Usizo Ezisebenzini Zasezibhedlela Ezibhekene Nokucindezeleka

 UBryn, ohlala eNorth Carolina, e-U.S.A, uyilungu leKomiti Yokubonisana Nezibhedlela lendawo esiza ekunakekeleni izidingo zeziguli ezingoFakazi BakaJehova.

 Ngenxa yobhubhane lwe-COVID-19, izibhedlela eziningi zazingazivumeli izivakashi. UBryn wafonela umphathi wesibhedlela sendawo osebenza ngezindaba zezenkolo ukuze athole ukuthi angazisiza kanjani iziguli ezingoFakazi.

 Waphendulwa umsizi womphathi. Ecabanga ngemingcele yokuvakashelana, uBryn wabuza ukuthi kungenzeka yini inamba yakhe yocingo inikezwe iziguli ezingoFakazi ukuze akwazi ukuxoxa nazo. Lo mphathi wavuma.

 UBryn wacabanga nangezisebenzi zasesibhedlela. Watshela umsizi womphathi ukuthi uyawazisa kakhulu umsebenzi owenziwa isibhedlela futhi wayenethemba lokuthi bonke bayaphila. Wabe esekhuluma ngendlela bonke abantu abacindezeleke kakhulu ngayo ngenxa yobhubhane, ikakhulukazi izisebenzi zasesibhedlela.

 Lo msizi womphathi wavuma ukuthi i-COVID-19 yayenze ukuphila kwaba nzima kakhulu esibhedlela.

 UBryn wabe esethi: “Iwebusayithi yethu inemininingwane engabasiza abantu babhekane nokucindezeleka. Uma ungena ku-jw.org ubhale igama elithi ‘ukucindezeleka’ ebhokisini elithi ‘Funa,’ uzothola izihloko ezikhuthazayo ezingasiza izisebenzi zakho.”

 Besakhuluma, lo msizi womphathi wangena kuwebusayithi yethu, wabhala igama elithi “ukucindezeleka” ebhokisini elithi “Funa,” wabona izihloko ezazifakiwe. Wazwakala esethi: “Hawu madoda! Ngizozibonisa umphathi lezi zihloko. Zizozisiza kakhulu izisebenzi zethu nabanye. Ngizoprinta amakhophi azo ngizinikeze nabanye.”

 Ngemva kwamaviki ambalwa, uBryn wakhuluma nomphathi, owakuqinisekisa ukuthi bangenile kuwebusayithi baprinta namakhophi ezihloko ezikhuluma ngokucindezeleka nezinye izihloko ezihambisana nazo. Banika abahlengikazi nezinye izisebenzi zasesibhedlela lezi zihloko.

 UBryn uthi: “Umphathi wangibonga kakhulu ngomsebenzi wethu nangezihloko ezibhalwe kahle. Wathi zibasize kakhulu.”