Dlulela kokuphakathi

Ukuthweswa Iziqu Kwekilasi Lesi-138 Le-Watchtower Bible School of Gilead

Ukuthweswa Iziqu Kwekilasi Lesi-138 Le-Watchtower Bible School of Gilead

Ngo-March 14, 2015, ikilasi lesi-138 le-Watchtower Bible School of Gilead lathweswa iziqu esikhungweni semfundo soFakazi BakaJehova ePatterson, eNew York. Kwakunezilaleli ezingaphezu kuka-14 000 kuhlanganise nalabo ababesezindaweni ezihlukahlukene bexhunywe nge-video. Kwaqala umculo owandulela isimiso wezingoma zoMbuso ezine ezintsha, kamuva ezaculwa yibo bonke ababekhona. a

UGeoffrey Jackson, ilungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova, wayengusihlalo wesimiso. Emazwini akhe okuvula, wakhuthaza abafundi ukuba bangalugodli ulwazi abanalo kodwa basebenzise ukuqeqeshwa abakutholile ukuze kuzuze abanye.​—2 Thimothewu 2:2.

UMfoweth’ uJackson wakhuluma ngesibonelo esabekwa uMose. Isikhathi esithile, itende likaMose laliyindawo eyinhloko isizwe sakwa-Israyeli esasikhulekela kuyo. Nokho, kamuva lapho itabernakele seliqediwe kwaba yilona elaba yindawo eyinhloko yokukhulekela. Kubonakala sengathi uMose akavunyelwanga ukungena eNgcwelengcwele yetabernakele; lelo lungelo kwaba elompristi ophakeme kuphela. Kodwa akukho okubonisa ukuthi uMose wakhononda ngalolu shintsho. Kunalokho, wamsekela ngobuqotho u-Aroni esabelweni sakhe esisha njengompristi ophakeme. (Eksodusi 33:7-11; 40:34, 35) Sifundani? UMfoweth’ uJackson wathi: “Noma imaphi amalungelo onawo wazise, kodwa ungalokothi uwagodle.”

“Ingabe Uzothuswa Umsindo Weqabunga?” Leso kwakuyisihloko senkulumo eyanikezwa uKenneth Flodin, umsizi weKomiti Yokufundisa YeNdikimba Ebusayo. Wavuma ukuthi abafundi bangabhekana nezimo ezingabonakala zesabisa, njengoshushiso noma izabelo eziyinselele. Esebenzisa amazwi akuLevitikusi 26:36, wakhuthaza abafundi ukuba izimo ezinjalo zingabatheni amandla, kodwa bazibheke njengeqabunga elomile nje. UMfoweth’ uFlodin wabe eseqokomisa isibonelo somphostoli uPawulu, owakwazi ukukhuthazelela izinselele eziningi ngenxa yokuthi wathembela kuJehova.​—2 Korinte 1:​8, 10.

“Yini Oyifunayo?” UMark Sanderson, ilungu leNdikimba Ebusayo, wanikeza inkulumo elandelayo esimisweni. Wakhuluma ngesimiso esilotshwe kuzAga 13:12, esithi: “Ukuhlehliswa kwento elindelwe kuyayigulisa inhliziyo.” Ngokudabukisayo, abaningi bahlale bedumele ukuphila kwabo konke ngenxa yokuthi babeka inhliziyo yabo emgomweni abangasoze bawufinyelela, njengokuceba noma ukuduma.

Ngosuku lukaJesu, abanye babelindele okuhlukile kulokho uJohane uMbhapathizi ayeyikho. (Luka 7:24-28) Ngokwesibonelo, kungenzeka babelindele isazi sefilosofi esasizobakhexisa ngezimfundiso ezingaqondakali. Uma kunjalo, babezodumala, ngoba uJohane wafundisa iqiniso elicacile. Kungenzeka ukuthi abanye babelindele indoda othi uma uyibuka uhlabeke umxhwele. Kodwa uJohane wayegqoka izingubo zabantu abampofu. Nokho, labo ababefuna ukubona umprofethi babengeke badumale, ngoba uJohane wayengeyena nje umprofethi kuphela kodwa futhi wayengumanduleli kaMesiya!​—Johane 1:​29.

UMfoweth’ uSanderson waveza isifundo kule ndaba ngokunxusa abafundi ukuba bafune into okuyiyonayona. Esikhundleni sokuphishekela ukuvelela noma ukulindela ukuphathwa ngendlela ekhethekile esabelweni sabo, kufanele bagxile ekusebenziseni ukuqeqeshwa abakutholile ukuze kuzuze abanye. Lokhu bangakwenza ngokuxoxa nabanye ngezinto abazifunde eGilead, ngokuqinisa ukholo lwabafowabo nodadewabo nangokubathanda. UMfoweth’ uSanderson wathi: “Funa ukuba inceku ethobekile kubafowenu nodadewenu futhi wenze konke ongakwenza ukuze ufeze intando kaJehova, futhi awusoze wadunyazwa yilokho oyokuthola.

“Yondla Abalambile.” Yileso isihloko uJames Cauthon, umfundisi oseMnyangweni Wezikole Ezingokwasezulwini, akhuluma ngaso. Umfoweth’ uCauthon wathi wonke umuntu ulambele ukuthandwa, ukubongwa, nokuqashelwa. Ngisho noJesu wayenaso leso sidingo futhi uJehova wasigcwalisa ngokukhuluma ngendlela enothando lapho uJesu ebhapathizwa.​—Mathewu 3:​16, 17.

UJehova usinike amandla okukhuthaza nokuqinisa abanye ngamazwi ethu futhi ulindele ukuba siwasebenzise lawo mandla. (IzAga 3:27) UMfoweth’ uCauthon wanxusa: “Ziqeqeshele ukubheka okuhle kwabanye futhi ubancome ngokukhululekile.” Ukuncoma ngobuqotho kuyosiza esikholwa nabo ukuba bazi ukuthi imizamo yabo ayilona ize.

“Wenza Kahle Kwaze Kwaba Sekugcineni.” UMark Noumair, umsizi weKomiti Yokufundisa, wanikeza inkulumo eyalandela esimisweni. Esebenzisa isibonelo somphostoli uPawulu, uMfoweth’ uNoumair wakhuthaza abafundi ukuba banganeliswa ukwenza okuncane kakhulu okulindelekile. Kunalokho, njengoPawulu, bazothola injabulo yangempela uma bezithulula ngenxa yabanye.​—Filipi 2:​17, 18.

Ngisho nalapho ebhekene nobunzima, uPawulu akayekanga. Waqhubeka ezikhandla kwaze kwaba sekufeni, wazithulula kwaze kwaba sekugcineni. Wayengasho kugcwale umlomo ukuthi: “Ngiligijimile ibanga ngaze ngayoqeda.” (2 Thimothewu 4:6, 7) UMfoweth’ uNoumair wakhuthaza abafundi ukuba balingise uPawulu ngokuwusekela ngokwethembeka umsebenzi woMbuso ezabelweni zabo.

Okuhlangenwe Nakho. UMichael Burnett, omunye umfundisi waseGilead, wasingatha ingxenye elandelayo yesimiso, eyayinabafundi ababelingisa okuhlangenwe nakho kwabo kwasensimini ngesikhathi besePatterson.

Kaningi, abafundi babethola imiphumela emihle ngokuwaphaphamela amathuba okunikeza ubufakazi nangokuzama ukushumayela “ngolimi olufinyelela inhliziyo”​—okuwukuthi, ngolimi lomdabu lomuntu. Ngokwesibonelo, omunye umfundi watshelwa ukuthi insimu ayehlela ukushumayela kuyo inabantu abaningi abakhuluma iSpanishi. Ngakho, ngelinye ilanga, ngaphambi kokuphuma aye ensimini wafunda amagama ambalwa eSpanishi ngosizo lwe-JW Language. Ngalo kanye lolo suku, wahlangana nendoda emgwaqweni eyayikhuluma iSpanishi . Ebhidilisha iSpanishi ayesifundile, lo mfundi waqala ingxoxo eyaholela esifundweni seBhayibheli nale ndoda namalungu omndeni wayo amane.

Izingxoxo. UWilliam Turner, Jr., umsizi weKomiti Yenkonzo YeNdikimba Ebusayo, wabe esexoxa nabafundi abane ngokuhlangenwe nakho kwabo kwangaphambi kokuza e-Gilead nangokuqeqeshwa ababekuthole esikoleni.

Abafundi baxoxa ngamaphuzu abawafundile abawathole ekhuthaza. Ngokwesibonelo, omunye umfundi waxoxa ngalokho akufundile ekulandiseni okulotshwe kuLuka isahluko 10. Abafundi abangu-70 ababethunywe uJesu bajabula lapho bethola imiphumela emihle ensimini. Nakuba noJesu ajabula, wafundisa abafundi ukuba bangasekeli injabulo yabo emiphumeleni kuphela kodwa ngokuyinhloko bayisekele ekwazini ukuthi uJehova uyayijabulela imizamo yabo. Lokhu kusikhumbuza ukuthi injabulo yangempela ayisekelwe nje ezimweni zethu kodwa ekutholeni umusa kaJehova.

UMfowethu’ uTurner wabhekisa amazwi akweyabaseFilipi 1:6 kubafundi, ebaqinisekisa ngokuthi uJehova “uqale umsebenzi omuhle” kubo nokuthi uzoqhubeka enabo.

“Gcina Amehlo Akho Egxile KuJehova.” USamuel Herd, ilungu leNdikimba Ebusayo, wanikeza inkulumo eyisihluthulelo yesimiso. Wavuma ukuthi asinakumbona uJehova ngamehlo enyama. Pho-ke, singawagxilisa kanjani amehlo ethu kuye?

Enye indlela esingambona ngayo uJehova iwukuhlolisisa izinto azidalile, ezisifundisa ngaye. Ngaphezu kwalokho, uJehova ‘ukhanyisele amehlo enhliziyo yethu.’ (Efesu 1:18) Uma siqhubeka sifunda iBhayibheli, siyokwazi okwengeziwe ngoJehova. Futhi lapho sazi okwengeziwe ngoJehova, sizizwa sisondele kakhulu kuye.

Sifuna ngokukhethekile ukunakisisa amaVangeli ngoba alandisa ngamazwi nangezenzo zeNdodana kaJehova okusenza simbone ngokucacile. UJesu wabonakalisa ubuntu bukaJehova ngokuseduze kangangokuthi wayengathi: “Ongibonile mina umbonile noBaba futhi.”​—Johane 14:9.

UMfoweth’ uHerd wakhuthaza izilaleli ukuba zingagcini ngokubuka uJehova ngesibonelo sikaJesu kuphela kodwa futhi zilingise ezikubonayo. Ngokwesibonelo, sifuna ukusebenza kanzima ekuhlanganyeleni nabanye ukudla okungokomoya esikutholile njengoba noJesu azikhandla ekondleni abanye.

Uba yini umphumela wokugxilisa amehlo ethu kuJehova? Singaqiniseka njengomhubi owabhala: “Ngimbeké njalo uJehova phambi kwami. Ngeke ngintengantengiswe, ngoba yena ungakwesokunene sami.”​—IHubo 16:8.

Isiphetho. Ngemva kokuba abafundi bethole ama-diploma abo, omunye wabo wafunda incwadi yokubonga ethinta inhliziyo evela ekilasini. Kamuva uMfoweth’ uJackson waphetha ngokutshela abathweswe iziqu ukuthi akudingeki bacabange ukuthi yonke into abayifundisayo kufanele ibe yintsha noma ibe ejulile. Isikhathi esiningi, bazobe bekhumbuza abafowabo nodadewabo ngezinto asebezazi kakade. UMfoweth’ uJackson wagcizelela nesidingo sokuthobeka. Kunokwenza abanye banake bona noma ukuqeqeshwa kwase-Gilead, abathweswe iziqu kuyofanele babaqondise eBhayibhelini nasezincwadini ezisekelwe kulo. Kunokuba badikibalise labo okungenzeka abasoze balithola ithuba lokuya esikoleni sase-Gilead, abathweswe iziqu bayokhuthaza abakholwa nabo ngokubasiza bazuze emalungiselelweni angokomoya abakwaziyo ukuwathola. Bonke ababekhona bahamba bakhiwe futhi bezimisele ukukhonza abafowabo nodadewabo.

UFreeman noMiriam Abbey

UJoel Acebes

U-Arsen no-Alyona Airiiantc

U-Aynura Allahverdiyeva

UHaja noLalatiana Andriakaja

UDale noSonia Clarke

UMichael noKatrina Davies

UTrent Edson

U-Aleksandr Fomin

UJosué François

UJuan Giovannelli

UMark noJill Hollis

UDaniel Jovanović

UHugues noRachel Kabitshwa

UDong-in Kim

UYura Kucherenko

URobert noSamantha Li

UGilles noChristiane Mba

UKyaw noHka Tawm Naing

UVictor no-Ami Namba

U-Ebenezer noSonnie Neal

UDavid Nwagu

UMeray Razzouk

USóstenes noEly Rodrigues

UDavy Sehoulia

U-Eki Soba

USimão Sona

U-Anja Van Looveren

UGwen Williams

UK. Abdiel no-Armande Worou

a Labo ababezothamela isimiso bazithola kusasele isonto izingoma ezintsha.

b Akuwona wonke amazwe aboniswe ebalazweni.

c Abanye abathweswe iziqu ababhaliwe.