Dlulela kokuphakathi

Umsebenzi WoFakazi BakaJehova Usekelwa Kanjani Ngokwezimali?

Umsebenzi WoFakazi BakaJehova Usekelwa Kanjani Ngokwezimali?

 Ngokuyinhloko, umsebenzi wethu womhlaba wonke usekelwa ngeminikelo yokuzithandela evela kubantu abangoFakazi bakaJehova. a Ezindaweni esihlangana kuzo kuba namabhokisi eminikelo, kanti ezinye izindlela zokunikela zitholakala ekhasini elithi Iminikelo. Kulelo khasi umuntu angakhetha ukunikelela umsebenzi wethu womhlaba wonke, izindleko zendawo akuyo, noma anikelele kokubili.

 OFakazi bakaJehova abalindelekile ukuba banikele okweshumi noma banikele inani elithile elinqunyiwe noma ingxenye ethile yomholo wabo. (2 Korinte 9:7) Asiyithathi inkongozelo noma sikhokhise abantu imali ngokuza emihlanganweni yethu, futhi asikhokhelwa ngokusiza lapho kunobhapathizo, imingcwabo, imishado, noma eminye imisebenzi yenkolo. Asiyenzi imali ngokudayisa amakhekhe, ngokudayisa ezimakethe, ngokudlala imidlalo ye-bingo, ngokwenza imikhosi yokuzijabulisa, ngokugembula, noma ezinye izinto ezifana nalezi, futhi asibaceli abantu ukuba benze iminikelo. Imininingwane yalabo abanikelayo igcinwa iyimfihlo futhi ayitshelwa ibandla noma abantu. (Mathewu 6:2-4) Amawebusayithi ethu kanye nezincwadi zethu azinazo izikhangiso ezigaya imali uma zivela.

 Wonke amabandla oFakazi bakaJehova akhipha umbiko wezimali inyanga nenyanga emihlanganweni yawo, engahlanganyelwa yinoma ubani emphakathini. Amarekhodi ezimali ebandla ngalinye ahlolwa njalo ukuze kuqinisekiswe ukuthi iminikelo isitshenziswa ngendlela efanele.—2 Korinte 8:20, 21.

Izindlela Zokunikela

  •   Amabhokisi eminikelo: Ungafaka imali noma isheke phakathi ebhokisini lomnikelo eliseHholo loMbuso, eHholo loMhlangano noma kwezinye izindawo okubanjelwa kuzo imihlangano yethu.

  •   Ukunikela nge-inthanethi: Emazweni amaningi, ungasebenzisa ikhasi elithi “Donate to Jehovah’s Witnesses” ukuze wenze iminikelo nge-credit card, i-debit card, noma nge-bank transfer, kanye nezinye izindlela zobuchwepheshe. b Abanye oFakazi bakhetha ‘ukubeka eceleni okuthile’ inyanga ngayinye ngokucupha ukuba kube nemali edonswa ekhadini besebenzisa ezinye zalezi zindlela.—1 Korinte 16:2.

  •   Ukupha okuhleliwe: Ezinye izindlela zokunikela zidinga ukuhlelwa kusengaphambili futhi kungenzeka zidinge neseluleko sezomthetho. Ukuhlela okunjalo kungakuvulela nethuba lokuzuza kwezentela ezweni lakho. Abantu abaningi bazuze kakhulu ngokuthola ulwazi olwengeziwe mayelana nohlelo lokupha izipho usaphila noma lokupha othile izipho lapho wena usushonile. Sicela uxhumane nehhovisi legatsha loFakazi bakaJehova elisendaweni yangakini ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe uma unesifiso sokwenza iminikelo ehlanganisa:

    •   ama-akhawunti asebhange

    •   umshwalense

    •   izakhiwo nezindawo

    •   amasheya nama-bond

    •   izincwadi zefa nama-trust

 Ukuze uthole iminingwane eyengeziwe ngezindlela zokunikela ezisetshenziswa endaweni yangakini, bheka ikhasi elithi “Donate to Jehovah’s Witnesses.”

a Abanye abantu abangebona oFakazi bayakujabulela ukunikela ukuze basekele umsebenzi wethu.

b Bukela ividiyo ethi Indlela Yokunikela Usebenzisa Imishini Yezobuchwepheshe ukuze uthole imininingwane eyengeziwe.