Dlulela kokuphakathi

Kungani OFakazi BakaJehova Bekugwema Ngenhlonipho Ukuhlanganyela Emikhosini Yesizwe?

Kungani OFakazi BakaJehova Bekugwema Ngenhlonipho Ukuhlanganyela Emikhosini Yesizwe?

 OFakazi BakaJehova bayabahlonipha ohulumeni nezimpawu zabo zesizwe. Siyakuhlonipha ukuthi abanye bangase bakhethe ukwenza isifungo sokwethembeka, ukushayela ifulege indesheni noma ukucula iculo lesizwe.

 Nokho, oFakazi BakaJehova bakhetha ukungahlanganyeli emikhosini enjalo ngoba sikholelwa ukuthi ayihambisani nalokho okufundiswa iBhayibheli. Siyajabula lapho abanye bezihlonipha izinkolelo zethu njengoba nje nathi sizihlonipha ezalabo abakhetha ukwenza ngendlela ehlukile.

Kulesi sihloko

 Yiziphi izimfundiso zeBhayibheli ezihilelekile?

 Lezi zimfundiso zeBhayibheli ezimbili eziyinhloko ziyakuthinta lokho esikukhethayo:

  •   UNkulunkulu kuphela okufanele simkhonze. IBhayibheli lithi: “NguJehova uNkulunkulu wakho okumele umkhonze, nguye yedwa okumele unikele kuye inkonzo engcwele.” (Luka 4:8) Ngokuvamile, izifungo zokwethembeka namaculo esizwe kuhambisana namazwi athembisa ukuthi umuntu uzosekela izwe lakhe ngaphezu kwakho konke. Ngakho oFakazi BakaJehova ngeke bakwazi ukuhlanganyela emikhosini enjalo ngonembeza okhululekile.

     Ngendlela efanayo, oFakazi BakaJehova banomuzwa wokuthi ukushayela ifulege indesheni kufana nokuthi wenza isenzo sokukhulekela, noma ukhonza izithixo, okuyinto engahambisani neBhayibheli. (1 Korinte 10:14) Eminye imithombo yezwe iyavuma ukuthi empeleni amafulege esizwe ayizimpawu zenkolo. Isazimlando uCarlton J. H. Hayes sabhala: “Uphawu oluyinhloko lokholo nento ekhulekelwayo ebalulekile yobuzwe ifulege. a Ngokuphathelene namaKristu akuqala, umbhali uDaniel P. Mannix wabhala: “AmaKristu enqaba . . . ukwenzela umhlatshelo umbusi [wamaRoma] owayebhekwa njengonkulunkulu—namuhla esingakufanisa nokwenqaba ukushayela ifulege indesheni.” b

    Nakuba oFakazi BakaJehova bengalishayeli ifulege indesheni, asilidabuli, asilishisi, noma sibonise ukungalihloniphi nganoma iyiphi indlela noma sidelele olunye uphawu lwesizwe.

  •   Bonke abantu bayalingana kuNkulunkulu. (IzEnzo 10:34, 35) IBhayibheli lithi uNkulunkulu “ngomuntu oyedwa wenza . . . zonke izizwe zabantu.” (IzEnzo 17:26) Ngenxa yaleso sizathu, oFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi kungaba okungalungile ukudumisa uhlanga oluthile noma ubuzwe njengokungathi bungcono kunobunye. Sihlonipha bonke abantu, kungakhathaliseki ukuthi bavela kuphi noma bahlala kuphi.—1 Petru 2:17.

 Kuthiwani uma kuwumthetho kahulumeni ukuhlanganyela kulowo mkhosi?

 OFakazi BakaJehova abamelene nohulumeni. Sikholelwa ukuthi ohulumeni bayingxenye ‘yohlelo lukaNkulunkulu’ aluvumelayo ukuba lube khona. (Roma 13:1-7) Sikholelwa nawukuthi amaKristu kufanele abahloniphe ohulumeni bezwe.—Luka 20:25.

 Kodwa kuthiwani uma imithetho yezwe ingqubuzana nemithetho kaNkulunkulu? Kwezinye izimo, ungakwazi ukufaka isicelo kuhulumeni sokuba enze ushintsho oluthile emithethweni ethile. c Uma ushintsho olunjalo lungenakwenzeka, ngenhlonipho oFakazi BakaJehova bakhetha ‘ukulalela uNkulunkulu njengombusi kunabantu.’—IzEnzo 5:29.

 Ingabe oFakazi BakaJehova basekela uhlangothi oluthile kwezenhlalo noma kwezepolitiki?

 Cha. OFakazi BakaJehova abathathi hlangothi ezindabeni zezenhlalo nezepolitiki. Lapho singasenzi isifungo sokwethembeka, singalishayeli ifulege indesheni noma sicule iculo lesizwe, lokho akusho ukuthi siyizishoshovu zezepolitiki. Kunalokho, sinamathela ezimfundisweni zethu ezisekelwe eBhayibhelini ngokuphathelene nemikhosi enjalo.