Dlulela kokuphakathi

Ingabe OFakazi BakaJehova BaneBhayibheli Labo?

Ingabe OFakazi BakaJehova BaneBhayibheli Labo?

 OFakazi BakaJehova baye basebenzisa izinguqulo eziningi ekutadisheni kwabo iBhayibheli. Nokho, uma INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ikhona ngolimi lwethu, sikhetha ukusebenzisa yona ngenxa yokuthi isebenzisa igama likaNkulunkulu, inembile futhi icacile.

  •   Isebenzisa igama likaNkulunkulu. Abanye abanyathelisi beBhayibheli baye behluleka ukunikeza uNkulunkulu udumo olumfanele. Ngokwesibonelo, enye inguqulo yeBhayibheli inohlu lwamagama abantu abangaphezu kuka-70 abasiza ekunyathelisweni kwalo. Nokho, lona lelo Bhayibheli alinalo nhlobo igama loMlobi walo—uJehova uNkulunkulu!

     Ngokuphambene nalokho, INguqulo Yezwe Elisha ibuyisela igama likaNkulunkulu ezindaweni eziyizinkulungwane elivela kuzo emibhalweni yokuqala futhi ikomiti ehumushe le nguqulo ayizigagulanga ngegama.

  •   Inembile. Akuzona zonke izinguqulo ezidlulisela umyalezo weBhayibheli ngendlela enembile. Ngokwesibonelo, enye inguqulo ihumusha uMathewu 7:13 ngale ndlela: “Ngena ngesango elinyinyekile, ngoba isango eliya esihogweni libanzi futhi ilula indlela eholela kuso.” Nokho, umbhalo wokuqala usebenzisa igama elithi “imbubhiso,” hhayi “isihogo.” Mhlawumbe abahumushi bafaka igama elithi “isihogo” ngenxa yokuthi babekholelwa ukuthi ababi bayohlushwa phakade esihogweni somlilo. Kodwa iBhayibheli alikusekeli lokho. Yingakho INguqulo Yezwe Elisha ilihumusha ngokunembile, ngale ndlela: “Ngenani ngesango elincane, ngoba ibanzi futhi ivulekile indlela eholela ekubhujisweni.”

  •   Icacile. Inguqulo ekahle kufanele icace futhi inembe, kube lula ukuyiqonda. Isibonelo: KweyabaseRoma 12:11 umphostoli uPawulu ongumKristu wasebenzisa inkulumo ngokwezwi nezwi esho “umoya obilayo.” Njengoba leyo nkulumo ingaqondakali ngesiZulu, INguqulo Yezwe Elisha ihumusha leli vesi ngendlela okulula ukuyiqonda. Lithi amaKristu kufanele ‘avuthe emoyeni.’

 Ngaphandle kokusebenzisa kwayo igama likaNkulunkulu, ukunemba nokubeka izinto ngendlela ecacile, INguqulo Yezwe Elisha ihluke nangenye indlela. Isakazwa ngaphandle kwenkokhiso. Ngenxa yalokho, izigidi zabantu ziyakwazi ukufunda iBhayibheli ngolimi ezaluncela ebeleni—ngisho nalabo abangakwazi ukuthenga iBhayibheli.