Dlulela kokuphakathi

Ingabe OFakazi BakaJehova Baye Bashintsha IBhayibheli Ukuze Balivumelanise Nezinkolelo Zabo?

Ingabe OFakazi BakaJehova Baye Bashintsha IBhayibheli Ukuze Balivumelanise Nezinkolelo Zabo?

 Cha, asizange. Kunalokho, lapho sithola ukuthi izinkolelo zethu azihambisani ngokuphelele neBhayibheli, siye sashintsha izinkolelo zethu.

 Esikhathini eside ngaphambi kokuba siqale ukukhiqiza INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ngo-1950, sahlola iBhayibheli. Sasebenzisa zonke izinguqulo ezazikhona, savumelanisa izinkolelo zethu nesasikufunda. Cabangela izibonelo ezimbalwa zezinkolelo zoFakazi BakaJehova osekukade zikhona, bese uzinqumela wena ngokwakho ukuthi ziyavumelana yini nalokho okufundiswa iBhayibheli ngempela.

  1.   Esikukholelwayo: UNkulunkulu akayena uZiqu-zintathu. Umagazini ka-July 1882 we-Zion’s Watch Tower wathi: “Abafundi bethu bayaqaphela ukuthi nakuba sikholelwa kuJehova, kuJesu naseMoyeni ongcwele, siyenqaba njengengeyona neze engokomBhalo imfundiso yokuthi laba bangoNkulunkulu abathathu kumuntu oyedwa, noma njengoba abanye bekubeka, uNkulunkulu oyedwa kubantu abathathu.”

      Okushiwo iBhayibheli: “UJehova uNkulunkulu wethu unguJehova oyedwa.” (Duteronomi 6:4, The Holy Bible, kaRobert Young) “Kukhona uNkulunkulu oyedwa, uBaba, okuvela kuye zonke izinto, nathi esivela kuye; futhi neNkosi eyodwa uJesu Kristu, zonke izinto ezikhona ngaye, nathi esikhona ngaye.” (1 Korinte 8:6, i-American Bible Union Version) UJesu ngokwakhe wathi: “UBaba mkhulu kunami.”​—Johane 14:28, Douay-Rheims Version.

  2.   Esikukholelwayo: Akukho ukuhlushwa phakade esihogweni somlilo. Icaphuna eyabaseRoma 6:​23 kuyi-King James Version, umagazini wesiNgisi ka-June 1882 we-Zion’s Watch Tower owawunesihloko esithi “Inkokhelo Yesono Ingukufa,” wathi: “Yeka indlela la mazwi acace nalula ngayo. Iyamangaza indlela abantu abaningi abathi bamukela iBhayibheli njengeliyiZwi likaNkulunkulu abaphikelela ngayo ekuphikiseni la mazwi, bebe bevuma ukuthi bayakholwa, nokuthi iBhayibheli lifundisa ukuthi inkokhelo yesono ukuhlushwa phakade.”

      Okushiwo iBhayibheli: “Umphefumulo owonayo, uyokufa.” (Hezekeli 18:​4, 20, King James Version) Isijeziso sokugcina salabo abaphikisa uNkulunkulu, akukona ukuhlushwa phakade, kodwa “ukubhujiswa phakade.”​—2 Thesalonika 1:9, King James Version.

  3.   Esikukholelwayo: UMbuso kaNkulunkulu uwuhulumeni ongokoqobo, hhayi nje isimo senhliziyo. Ngokuphathelene noMbuso kaNkulunkulu, umagazini wesiNgisi ka-December 1881 we-Zion’s Watch Tower wathi: “Ukumiswa kwalo mbuso, eqinisweni, kuyohlanganisa ukugumbuqelwa kwayo yonke imibuso yomhlaba.”

      Okushiwo iBhayibheli: “Ezinsukwini zalawo makhosi uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso, wona uqobo ume phakade.”—Daniyeli 2:44, King James Version.

Ingabe oFakazi BakaJehova bathembele kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha ukuze basekele izinkolelo zabo?

 Cha, ngoba siyaqhubeka sisebenzisa ezinye izinguqulo eziningi emsebenzini wethu wokufakaza. Empeleni, nakuba sibanikeza abantu ngaphandle kwenkokhiso INguqulo Yezwe Elisha njengengxenye yesimiso sethu sesifundo seBhayibheli samahhala, siyakujabulela nokufunda nalabo abathanda ukusebenzisa ezinye izinguqulo.