Dlulela kokuphakathi

Ingabe OFakazi BakaJehova Banabo Abesifazane Abashumayelayo?

Ingabe OFakazi BakaJehova Banabo Abesifazane Abashumayelayo?

 Yebo. Bonke oFakazi BakaJehova bayashumayela—kuhlanganise nezigidi zabesifazane. Njengoba iBhayibheli labikezela, “abesifazane abalandisa izindaba ezinhle bayibutho elikhulu.”—IHubo 68:11.

 Abesifazane abangoFakazi BakaJehova balingisa isibonelo sabesifazane okukhulunywa ngabo eBhayibhelini. (IzAga 31:10-31) Nakuba bengebona abaholi ebandleni, bahlanganyela ngokugcwele ekushumayezeni abantu. Bafundisa nabantwana babo iBhayibheli. (IzAga 1:8) Ngamazwi nangezenzo, abesifazane abangoFakazi bayazikhandla ekubeni izibonelo ezinhle.—Thithu 2:3-5.