Dlulela kokuphakathi

USIZO LOMNDENI | UKUKHULISA IZINGANE

Izingane Namafoni Esimanje​—Ingxenye 2: Ukufundisa Izingane Ukusebenzisa Kahle Ifoni Yesimanje

Izingane Namafoni Esimanje​—Ingxenye 2: Ukufundisa Izingane Ukusebenzisa Kahle Ifoni Yesimanje

 Ifoni yesimanje ingaba ithuluzi elinamandla—ingaba usizo noma ibe yingozi, kuye ngokuthi isetshenziswa kanjani. Ungazifundisa kanjani izingane zakho ukuba ziwusebenzise kahle lo mshini onamandla kangaka? Ngokwesibonelo, singakanani isikhathi okufanele zisichithe kuwo? a

 Okufanele ukwazi

  •   Ifoni yesimanje ichaya oyisebenzisayo ezingozini. Njengoba kubonisiwe esihlokweni esithi “Izingane Namafoni Esimanje—Ingxenye 1: Ingabe Ingane Yami Kufanele Ibe Nefoni Yesimanje?” ifoni yesimanje inikeza umuntu ithuba lokuthola yonke into eku-inthanethi, enhle nembi.

     “Kulula ukukhohlwa ukuthi ifoni yesimanje ingachaya izingane zakho kuzo zonke izinhlobo zabantu abayingozi nendlela abacabanga ngayo.”—UBrenda.

  •   Izingane zidinga isiqondiso. Intsha izalelwe kwezobuchwepheshe, kuyilapho abantu abadala abaningi bengomafikizolo kuzo. Nokho, lokho akusho ukuthi abantu abadala abazi lutho ngezobuchwepheshe nokuthi izingane zifaneleka kangcono ukunquma ukuthi ziwasebenzisa kanjani futhi nini amafoni azo esimanje.

     Kuyavunywa, izingane zakho zingase zibe nekhono ekusebenziseni ifoni yesimanje, kodwa ungacabangi ukuthi lokho kusho ukuthi zivuthiwe. Ngisho nezingane ezinekhono ekusebenziseni ezobuchwepheshe zidinga isiqondiso sabazali ekusebenziseni ifoni yesimanje ngendlela efanele.

     “Ukunikeza ingane yakho ifoni yesimanje ngaphandle kokuyiqeqesha kufana nokuyinikeza izikhiye zemoto, uyihlalise esihlalweni somshayeli, udumise imoto bese uthi ‘Ngicela ushayele kahle,’ ngaphandle kokuqale uyifundise ukushayela.”—USeth.

 Ongakwenza

  •   Yazi kahle ifoni yengane yakho. Jwayelana namathuluzi angasiza ingane yakho ukuba iyisebenzise kahle ifoni yayo. Ngokwesibonelo:

     Iziphi izindlela abazali abangazisebenzisa ukuze balawule isikhathi ingane esichithayo lapho isebenzisa ifoni?

     Ingabe uyazi ukuthi amasethingi efoni avimbela izinto ezingafaneleki angashintsheka kalula futhi awasebenzi kahle ngaso sonke isikhathi?

     Lapho uyazi kangcono ifoni yesimanje yengane yakho, yilapho ukulungela khona kakhulu ukuyisiza iyisebenzise kahle.

     Okushiwo iBhayibheli: “Ngolwazi umuntu wandisa amandla akhe.”—IzAga 24:5.

  •   Beka imingcele. Nquma ukuthi yini ozoyivumela nongeke uyivumele. Ngokwesibonelo:

     Ingabe uzoyivumela ingane yakho ukuba ize nefoni ngesikhathi sokudla noma iyisebenzise lapho ihleli nabangani nomndeni?

     Ingabe izingane zakho kufanele zilale nefoni yazo ekamelweni ebusuku?

     Yimaphi ama-app ozowavumela?

     Uzoyivumela ukuba isebenzise ifoni yayo isikhathi esingakanani?

     Ingabe uzonquma ukuthi ifoni ingasetshenziswa isikhathi esingakanani ngosuku?

     Beka imithetho ecacile, futhi uzimisele ukukhipha isiyalo uma leyo mithetho iphulwa.

     Okushiwo iBhayibheli: “Ungayigodleli ingane isiyalo.”—IzAga 23:13, umbhalo waphansi.

  •   Hlola. Yazi ukuthi ivulwa kanjani ifoni yengane yakho uma ikhiyiwe, futhi uma kunesidingo ubheke ukuthi inani, okuhlanganisa imiyalezo, ama-app, izithombe namawebusayithi ewavakashelayo.

     “Sayitshela indodakazi yethu ukuthi ngezikhathi ezithile singase sibheke ifoni yayo kungalindelekile. Amalungelo ayo okuba nefoni ayengashintsha uma ingayisebenzisi kahle.”—ULorraine.

     Njengomzali, unalo lonke ilungelo lokwazi ukuthi ingane yakho iyisebenzisa kanjani ifoni yayo yesimanje.

     Okushiwo iBhayibheli: ‘Ingane yaziwa ngezinto ezenzayo, ukuthi iziphethe kahle yini nokuthi iqotho yini.’—IzAga 20:11.

  •   Yifundise indlela yokuziphatha kahle. Siza ingane yakho ukuba ifune ukwenza okulungile. Kungani kubalulekile lokho? Ngoba ingane ezimisele ingazikhandla ukuze ibambisane nemizamo yabazali emihle yokuhlola lokho ekwenzayo. b

     Ngakho, qeqesha ingane yakho ukuba ibe nezimfanelo ezinhle njengokwethembeka, nokuzithiba, yazi ukuthi izophendula ngezenzo zayo. Maningi amathuba okuba ingane eyaziyo ukuthi kufanele iziphathe kanjani iyisebenzise ngokuhlakanipha ifoni yayo.

     Okushiwo iBhayibheli: ‘Abantu abavuthiwe, baqeqeshe amandla abo okuqonda ukuze bahlukanise okulungile nokungalungile.’—Hebheru 5:14.

a Kulesi sihloko, inkulumo ethi “ifoni yesimanje” isho ifoni ekwazi ukusebenzisa i-inthanethi. Empeleni, isuke ikwazi ukwenza izinto ezenziwa yikhompyutha.

b Ngokwesibonelo, abanye basebenzisa “i-app ecashile” ebonakala ingasolisi—njengomshini wokubala izinombolo—ukuze bafihle izinto abangafuni abazali bazibone.