Dlulela kokuphakathi

Ingabe IBhayibheli Linomlando Onembile Wokuphila KukaJesu?

Ingabe IBhayibheli Linomlando Onembile Wokuphila KukaJesu?

Impendulo YeBhayibheli

Umlobi weBhayibheli uLuka wathi mayelana nokulandisa kwakhe kokuphila kukaJesu: “Ngiye ngazilandela ngokunembile zonke izinto kusukela ekuqaleni.”—Luka 1:3.

Abanye bathi ukulandisa kokuphila kukaJesu okulotshwe emaVangelini—imiBhalo yabantu ayephila nabo, oMathewu, uMarku, uLuka noJohane—kwashintshwa esikhathini esithile ngekhulu lesine.

Nokho, ngasekuqaleni kwekhulu lama-20 kwatholakala isiqeshana sombhalo wesandla obalulekile weVangeli likaJohane eGibhithe. Manje sibizwa ngokuthi iPapyrus Rylands 457 (P52) futhi sigcinwe eJohn Rylands Library, eManchester, eNgilandi. Sinamazwi asencwadini kaJohane 18:31-33, 37, 38 emaBhayibhelini anamuhla.

Lesi siqeshana sidala kunayo yonke imiBhalo YamaKristu YesiGreki eyaziwayo. Izazi eziningi zikholelwa ukuthi salotshwa cishe ngo-125 C.E., eminyakeni nje engaba ngu-25 ngemva kokulotshwa kombhalo wokuqala. Okubhalwe kulesi siqeshana kucishe kufane ncamashi nokubhalwe emibhalweni yesandla yakamuva.