Dlulela kokuphakathi

Lithini IBhayibheli Ngokuziphophotha Nokufaka Ubucwebe?

Lithini IBhayibheli Ngokuziphophotha Nokufaka Ubucwebe?

Impendulo YeBhayibheli

Nakuba lingasho okuningi ngale ndaba, iBhayibheli alikwenqabeli ukusebenzisa izinto zokuziphophotha, nokufaka ubucwebe noma ezinye izinto zokuhloba. Kunokugxila endleleni umuntu abukeka ngayo, iBhayibheli likhuthaza “isambatho esingenakonakala somoya onokuthula nobumnene.”​—1 Petru 3:3, 4.

Akukubi ukuzihlobisa ukuze sibe bahle

  • IBhayibheli likhuluma ngabesifazane abathembekile ababezihlobisa. URebheka, owashada no-Isaka, wayefake icici ekhaleni, ibhengela legolise nobunye ubucwebe obubizayo ayebuphiwe u-Abrahama owayezoba ubabezala wakhe. (Genesise 24:22, 30, 53) U-Esteri naye ‘wabhucungwa’ ukuze alungiselele ukuba indlovukazi eMbusweni wamaPheresiya. (Esteri 2:7, 9, 12) Kubonakala sengathi ngesikhathi ebhucungwa, kwakusetshenziswa izinto “ezahlukahlukene zokuziphophotha.”​—I-New International Version; Easy-to-Read Version.

  • IBhayibheli likhuluma kahle ngobucwebe. Ngokwesibonelo, umuntu onezeluleko ezinhle ufaniswa ‘necici legolide endlebeni ezwayo.’ (IzAga 25:12) UNkulunkulu wafanisa indlela ayephatha ngayo isizwe sakwa-Israyeli nendoda ehlobisa umkayo ngamabhengela, umgexo namacici. Lezi zinto zokuhloba, zenza lesi sizwe saba ‘sihle kakhulu.’​—Hezekeli 16:11-13.

Amanga mayelana nokuziphophotha nokufaka ubucwebe

Amanga: Kweyoku-1 Petru 3:3, iBhayibheli liyakwenqabela ‘ukwaluka izinwele nokufaka imihlobiso yegolide.’

Iqiniso: Uma sifunda indaba iyonke, siyathola ukuthi iBhayibheli lisifundisa ukuthi ukuba nobuntu obuhle kubaluleke ukwedlula ukubukeka kahle noma ukuzihlobisa. (1 Petru 3:​3-6) Akhona namanye amavesi akuvezayo lokhu. ​—1 Samuweli 16:7; IzAga 11:22; 31:30; 1 Thimothewu 2:​9, 10.

Amanga: Indlovukazi embi uJezebeli yayipenda amehlo, ngakho lokho kubonisa ukuthi akulungile ukusebenzisa izinto zokuziphophotha.​—2 AmaKhosi 9:30.

Iqiniso: UJezebeli, owayengumthakathi nombulali, wajeziselwa izenzo zakhe hhayi indlela ayebukeka ngayo.​—2 AmaKhosi 9:​7, 22, 36, 37.