Dlulela kokuphakathi

Siyini Isiprofetho?

Siyini Isiprofetho?

Impendulo YeBhayibheli

Isiprofetho siwumyalezo ophefumulelwe uNkulunkulu, isambulo saphezulu. IBhayibheli lithi abaprofethi “bakhuluma okuvela kuNkulunkulu ngoba babeqhutshwa umoya ongcwele.” (2 Petru 1:20, 21) Ngakho umprofethi umuntu othola umyalezo kuNkulunkulu bese ewudlulisela kwabanye.​—IzEnzo 3:18.

Abaprofethi babewuthola kanjani umyalezo ovela kuNkulunkulu?

UNkulunkulu wayesebenzisa izindlela eziningana ukuze adlulisele imicabango yakhe kubaprofethi bakhe:

  • Ngokubhala. UNkulunkulu wasebenzisa le ndlela okungenani kanye lapho enika uMose iMiyalo Eyishumi ebhaliwe.​—Eksodusi 31:18.

  • Ngokukhuluma esebenzisa izingelosi. Ngokwesibonelo, uNkulunkulu wasebenzisa ingelosi ukuze anike uMose isiqondiso mayelana nomyalezo okwakumelwe awudlulisele kuFaro waseGibhithe. (Eksodusi 3:2-4, 10) Lapho kwakubalulekile ukuba bawudlulisele ngokwezwi nezwi umyalezo, uNkulunkulu wayeqondisa izingelosi ukuba zidlulise umyalezo igama negama ayesuke elishilo, njengoba atshela uMose: “Zilobele phansi la mazwi, ngoba ngenza isivumelwano nawe no-Israyeli ngokwala mazwi.”​—Eksodusi 34:27. a

  • Ngemibono. Ngezinye izikhathi abaprofethi babethola imibono lapho bebhekile futhi besanguluke ngokuphelele. (Isaya 1:1; Habakuki 1:1) Eminye yayicace kangangokuthi ababeyithola babeze bahileleke ngokoqobo kuyo. (Luka 9:28-36; IsAmbulo 1:10-17) Ngezinye izikhathi, lapho ufika umbono lowo owutholayo kwakuba sengathi usesimweni sokuhanjelwa ingqondo. (IzEnzo 10:10, 11; 22:17-21) UNkulunkulu wayebuye adlulisele umyalezo wakhe ngamaphupho lapho abaprofethi besalele.​—Daniyeli 7:1; IzEnzo 16:9, 10.

  • Ngokuthonya ingqondo. UNkulunkulu wayeqondisa imicabango yabaprofethi bakhe ukuze badlulisele umyalezo wakhe. Yingakho iBhayibheli linamazwi athi: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu.” Inkulumo ethi “iphefumulelwe uNkulunkulu” ingabuye ibekwe ngokuthi “uNkulunkulu waphefumula.” (2 Thimothewu 3:16; The Emphasised Bible) UNkulunkulu wasebenzisa umoya wakhe ongcwele noma amandla asebenzayo, ukuze “aphefumule” imicabango yakhe ezingqondweni zezinceku zakhe. Umyalezo kwakungokaNkulunkulu, kodwa abaprofethi babeyikhetha bona indlela yokubeka amazwi.​—2 Samuweli 23:1, 2.

Ingabe isiprofetho sihlale sihilela ukubikezela ngekusasa?

Cha, isiprofetho seBhayibheli asigcini nje ngokubikezela ngekusasa. Nokho, imiyalezo eminingi evela kuNkulunkulu ihlobene nekusasa, ngisho noma kungekhona ukuhlobana okuseduze. Ngokwesibonelo, abaprofethi bakaNkulunkulu bawaxwayisa ngokuphindaphindiwe ama-Israyeli asendulo ngezindlela zawo ezimbi. Lezo zixwayiso zazichaza ngezibusiso zekusasa uma abantu babezilalela, nenhlekelele uma babengazilaleli. (Jeremiya 25:​4-6) Empeleni imiphumela yayincike enkambweni eyayikhethwa ama-Israyeli.​—Duteronomi 30:19, 20.

Izibonelo zeziprofetho zeBhayibheli ezazingahileli izibikezelo

  • Ngesinye isikhathi lapho ama-Israyeli ecela usizo lukaNkulunkulu, wathumela umprofethi ukuba awachazele ukuthi wayengazange awasize ngenxa yokwenqaba kwawo ukulalela iziqondiso zakhe.​—AbaHluleli 6:6-10.

  • Lapho uJesu ekhuluma nowesifazane ongumSamariya, wembula izinto ngaye ayengakwazi ukuzazi kuphela ngokwembulelwa kwaphezulu. Owesifazane wabheka uJesu njengomprofethi, nakuba ayengazange ebikezele ngekusasa.—Johane 4:17-19.

  • Ecaleni likaJesu, izitha zakhe zamboza ubuso, zamshaya, zase zithi: “Profetha. Ubani okushayile?” Babengatsheli uJesu ukuba abikezele ngekusasa kodwa babefuna asho ukuthi ubani owayemshayile esebenzisa amandla angokwaphezulu.​—Luka 22:63, 64.

a Nakuba kulesi sibonelo kungabonakala sengathi uNkulunkulu wakhuluma ngokuqondile noMose, iBhayibheli libonisa ukuthi uNkulunkulu wasebenzisa izingelosi ukuze adlulisele isivumelwano soMthetho kaMose.​—IzEnzo 7:53; Galathiya 3:19.