Dlulela kokuphakathi

Ayengobani AmaNefili?

Ayengobani AmaNefili?

Impendulo yeBhayibheli

AmaNefili ayengabantu abanamandla abayimidondoshiya abazalwa abesifazane ababephila ngezinsuku zikaNowa abakhuleliswa izingelosi ezimbi. a

IBhayibheli lithi “amadodana kaNkulunkulu weqiniso aqala ukuqaphela amadodakazi abantu, ukuthi ayebukeka.” (Genesise 6:2) Lawo ‘madodana kaNkulunkulu’ ayeyizingelosi ezingamlalelanga uNkulunkulu. “Zashiya indawo yazo yokuhlala efanele” ezulwini zazenza abantu, ‘zazithathela abafazi.’​—Jude 6; Genesise 6:2.

Izingane ezavela lapho izingelosi zilala nabantu, zazingezona izingane ezivamile. (Genesise 6:4) AmaNefili ayehlukumeza abantu futhi enza kwaba nodlame emhlabeni. (Genesise 6:13) IBhayibheli lithi “ayengabantu abanamandla bakudala, amadoda odumo.” (Genesise 6:4) Kamuva abantu bawalingisa, baba nodlame.​—Genesise 6:5; Numeri 13:33. b

Amanga avame ukushiwo ngamaNefili

Amanga: AmaNefili asekhona namuhla.

Iqiniso: UJehova waletha izikhukhula emhlabeni, ezabulala bonke abantu ababenodlame. AmaNefili afa kanye nalabo bantu. Kodwa uJehova wayemthanda uNowa nomndeni wakhe futhi yibona bodwa abangazange bafe kulezo zikhukhula.​—Genesise 6:9; 7:12, 13, 23; 2 Petru 2:5

Amanga: Oyise bamaNefili babengabantu.

Iqiniso: Oyise bawo babizwa ngokuthi “amadodana kaNkulunkulu.” (Genesise 6:2) IBhayibheli lisebenzisa inkulumo efanayo uma likhuluma ngezingelosi. (Jobe 1:6; 2:1; 38:7) Izingelosi zazikwazi ukushintsha imizimba yazo ibe ngeyabantu. (Genesise 19:1-5; Joshuwa 5:13-15) Umphostoli uPetru wakhuluma ‘ngemimoya esetilongweni, eyayingalalelanga lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kulindile ezinsukwini zikaNowa.’ (1 Petru 3:19, 20) Lapho ekhuluma ngendaba efanayo, umlobi weBhayibheli uJude uthi kunezingelosi “ezingasigcinanga isikhundla sazo sokuqala kodwa zashiya indawo yazo yokuhlala efanele.”​—Jude 6.

Amanga: AmaNefili ayeyizingelosi ezaxoshwa ezulwini.

Iqiniso: Uma sifunda uGenesise 6:4 sithola ukuthi amaNefili ayengezona izingelosi, kodwa ayeyizingane izingelosi ezazithola ngokulala nabesifazane. Ngemva kokuba izingelosi ‘zizithathele abafazi,’ uJehova wathi ngemva kweminyaka engu-120 wayezojezisa abantu ababengamlaleli. (Genesise 6:1-3) IBhayibheli lithi “ngalezo zinsuku,” lezo zingelosi ezazizenze abantu, “zaqhubeka zilala namadodakazi abantu” futhi azizalela “abantu abanamandla bakudala,” amaNefili.​—Genesise 6:4.

a Kungenzeka ukuthi igama elithi “amaNefili” lithathwe egameni lesiHebheru elisho “Abawisi.” I-Wilson’s Old Testament Word Studies ithi leli gama libhekisela kubantu “abalwa nabanye, bese bebaphuce izinto zabo futhi babawise.”

b Izinhloli zakwa-Israyeli okukhulunywa ngazo endabeni ekuNumeri 13:33 zabona abantu abazikhumbuza amaNefili, okwase kuphele amakhulu eminyaka afa.​—Genesise 7:21-23.