Dlulela kokuphakathi

AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA

Isaya 26:3—“Inhliziyo Eqinileyo Uyayilinda Ngokuthula Okupheleleyo”

Isaya 26:3—“Inhliziyo Eqinileyo Uyayilinda Ngokuthula Okupheleleyo”

 “Uyobaqapha labo abancika kuwe ngokuphelele; uyobanika ukuthula okuhlala njalo, ngoba bathembele kuwe.”—Isaya 26:3, IBhayibheli—ImiBhalo Engcwele.

 “Inhliziyo eqinileyo uyayilinda ngokuthula okupheleleyo, ngokuba yethemba kuwe.”—Isaya 26:3, IBhayibheli Elingcwele.

Incazelo ka-Isaya 26:3

 Ngala mazwi aqinisa idolo, umprofethi u-Isaya ukwenza kucace ukuthi uNkulunkulu uyabavikela labo abathembela kuye ngokuphelele. Lokho ukwenza ngokubasiza bazizwe bephephile futhi benokuthula.

 “Uyobaqapha labo abancika kuwe ngokuphelele.” Le ngxenye yaleli vesi ikhuluma ngalabo abazimisele ngokugcwele ukuthembela kuJehova a uNkulunkulu ngaso sonke isikhathi. Labo abamethembayo uNkulunkulu bayaqaphela ukuthi bayakudinga ukuncika kuye. Ngokwesibonelo, abanciki ekucabangeni kwabo lapho benza izinqumo ezibalulekile. Kunalokho, bavumelanisa konke abakwenzayo nendlela kaNkulunkulu yokucabanga. (IzAga 3:5, 6) Bathola umbono kaNkulunkulu ngodaba oluthile ngokulifunda ngokucophelela iZwi lakhe, iBhayibheli, bese becabangisisa ngokujulile ngalokho abakufundayo. (IHubo 1:2; 119:15) Lapho bebhekene nezimo ezinzima, baphendukela kuJehova ngomthandazo, bamnxuse ngokusuka enhliziyweni ukuba abasize. (IHubo 37:5; 55:22) Ngokwenza kanjalo, bakuveza obala ukwethembela kwabo kuNkulunkulu, obabuyisela ngokubanika ukuthula.

 “Uyobanika ukuthula okuhlala njalo.” NgesiHebheru sasendulo, igama elithi “ukuthula” livela kabili ukuze kugcizelelwe; ngakho, ukuze kudluliselwe lokho kugcizelela, le nkulumo ingahunyushwa nangokuthi “ukuthula okuhlala njalo,” “ukuthula okuphelele,” noma “ukuthula okugcwele.” Ngamanye amazwi, labo abathembela ngokuphelele kuJehova bajabulela ukuthula kwangempela, ukuthula kwangaphakathi okungancikile ezimweni zokuphila. (IHubo 112:7; 119:165) Lokhu kuthula kulethwa ukuba nobuhlobo obuseduze noJehova,nokulwela ukwenza okulungile emehlweni akhe.—IzAga 3:32; Isaya 48:18.

 Lokhu “kuthula okuhlala njalo” akusho ukuthi uNkulunkulu ususa zonke izinkinga zabantu abamkhonzayo, abakhulule kukho konke ukukhathazeka. (1 Samuweli 1:6, 7; Jobe 6:1, 2; IHubo 31:9) Kunalokho, ubasiza bakwazi ukubhekana nezinkinga zabo. (Isaya 41:10, 13) Uphendula imithandazo yabo, abanike ukuhlakanipha, amandla, nenduduzo. (IHubo 94:19; IzAga 2:6; Isaya 40:29) Ngenxa yalokho, bayazola ngisho noma bebhekene nezimo ezinzima.—Filipi 4:6, 7.

Umongo ka-Isaya 26:3

 Umprofethi u-Isaya waphila ngekhulu lika-8 B.C.E. Ngaleso sikhathi, naseminyakeni eyalandela kamuva, abaningi kwaJuda babengamkhulekeli ngobuqotho uJehova. Ngenxa yalokho, uJehova wavumela ukuba idolobha labo eliyinhloko, iJerusalema, libhujiswe ngonyaka ka-607 B.C.E.

 Noma kunjalo, eminyakeni engaphezu kwekhulu ngaphambi kwalokho kubhujiswa, u-Isaya wabhala ingoma eyisiprofetho elotshwe esahlukweni 26. (Isaya 26:1-6) Leyo ngoma yakhuluma ngesikhathi esasiseza lapho idolobha elisezweni lakwaJuda, okubonakala sengathi iJerusalema, laliyovuselelwa khona.

 IJerusalema lavuselelwa ngemva konyaka ka-537 B.C.E. Lapho nje lokho sekwenzekile, amaJuda athembekile ayesebuyele eJerusalema ayengazizwa elondekile futhi athi: “Sinedolobha eliqinile.” (Isaya 26:1) Noma kunjalo, izindonga eziqinile zedolobha akuzona ezazilenza libe namandla. Kunalokho, ukulondeka kwedolobha nokuphepha kwalo kwakuncike esibusisweni sikaJehova nasesivikelweni sakhe.—Isaya 26:2.

 Kusenjalo nanamuhla. Labo abathembela ngokuphelele kuJehova bazizwa belondekile ngoba babheka yena ‘njengeDwala,’ noma isivikelo.—Isaya 26:4.

 Buka le vidiyo emfishane ukuze ubone amazwibela encwadi ka-Isaya.

a Elithi Jehova yigama likaNkulunkulu. (IHubo 83:18) Bheka isihloko esithi “Ungubani uJehova?