Dlulela kokuphakathi

Ingabe UNkulunkulu Unegama?

Ingabe UNkulunkulu Unegama?

Impendulo yeBhayibheli

Bonke abantu banamagama. Akunakuba nengqondo yini ukuthi uNkulunkulu abe negama? Kubalulekile ukuba abantu babe namagama futhi babizane ngawo. Ingabe kuhlukile uma kuziwa ebuhlotsheni bethu noNkulunkulu?

EBhayibhelini, uNkulunkulu uthi: “NginguJehova. Yilelo igama lami.” (Isaya 42:8) Nakuba aneziqu eziningi njengesithi “Nkulunkulu uMninimandla onke,” “Nkosi EnguMbusi” nesithi “Mdali,” utshela abakhulekeli bakhe ukuba bambize ngegama lakhe.—Genesise 17:1; IzEnzo 4:24; 1 Petru 4:19.

Izinguqulo eziningi zeBhayibheli zinalo igama likaNkulunkulu ku-Eksodusi 6:3. Lelo vesi lithi: “Ngangivame ukubonakala ku-Abrahama, u-Isaka noJakobe njengoNkulunkulu uMninimandla onke, kodwa ngokuphathelene negama lami elithi Jehova angizazisanga kubo.”

Elithi Jehova igama likaNkulunkulu eliye lasetshenziswa iminyaka eminingi. Nakuba izazi eziningi zithanda ukusebenzisa elithi “Yahweh,” elithi Jehova ilona elaziwa kakhulu. Ingxenye yokuqala yeBhayibheli ayilotshwanga ngesiNgisi kodwa ngesiHebheru, ulimi olufundwa kusuka kwesokudla uya kwesobunxele. Kulolo limi, igama likaNkulunkulu liyizinhlamvu ezine, ezithi יהוה. Lezo zinhlamvu ezine zesiHebheru—ezihunyushwa ngokuthi YHWH—zibizwa ngokuthi iTetragrammaton.