Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

I-WATCHTOWER LIBRARY

Faka Okwamuva Ku-Watchtower Library

Faka Okwamuva Ku-Watchtower Library

Ungavumela i-Watchtower Library ukuba ikubhekele ukuze ikufakele okwamuva ku-inthanethi, noma ungazifakela wena izincwadi nezihloko ku-Watchtower Library usebenzisa ifayela elithi okwamuva.

Yivumele Ikubhekele Okwamuva

Landela lezi zinyathelo ukuze uvumele i-Watchtower Library ikubhekele izincwadi nezihloko zamuva ku-inthanethi.

  1. Ku-Watchtower Library, chofoza ibhathini elithi Umtapo, bese uchofoza Ongakwenza ohlwini oluvelayo ukuze kuvuleke ikhasi elithi Ongakwenza Ngomtapo.

  2. Ekhasini elithi Ongakwenza Ngomtapo, chofoza Okwamuva, bese uchofoza ibhokosi elithi Ngidawunilodele okwamuva.

  3. Noma nini lapho kukhona okwamuva ku-inthanethi, uzothola umyalezo ozokubuza ukuthi uyafisa yini ukukudawuniloda. Chofoza u-Yebo ukuze uvumele i-Watchtower Library ikudawunilodele futhi ikufakele okwamuva.

Zifakele Okwamuva Ku-Watchtower Library

Ungazifakela okwamuva ku-Watchtower Library ngokusebenzisa ifayela lezinto zamuva. Ifayela elisha ungalithatha ku-Watchtower Library enezinto zamuva noma ulidawunilode ngokuchofoza ibhathini elithi dawuniloda elikuleli khasi.

Thatha Okwamuva Ku-Watchtower Library

Zakhele ifayela lezinto zamuva usebenzisa lezi zinyathelo ezilandelayo:

  1. Ku-Watchtower Library, chofoza igama elithi Usizo, ohlwini oluvelayo chofoza amagama athi Zifakele Okwamuva, bese uchofoza lapho kuthi khona Zakhele Ifayela Lezinto Zamuva.

  2. Khetha indawo ozobeka kuyo ifayela lezinto zamuva bese uchofoza ibhathini elithi Kugcine. I-Watchtower Library izokwakha ifayela elinezinto zamuva elinegama eligcina ngo-“.updatepkg”.

Dawuniloda Okwamuva

Chofoza ibhathini elingezansi ukuze uhlole ukuthi kukhona yini okwamuva ngolimi lwakho ku-Watchtower Library. Uma kukhona, landela iziqondiso ukuze ukugcine ekhompyutheni yakho.

Faka Okwamuva

Ukuze uzifakele okwamuva ku-Watchtower Library usebenzisa ifayela lezinto zamuva, landela lezi zinyathelo:

  1. Ku-Watchtower Library, chofoza igama elithi Usizo, ohlwini oluvelayo chofoza amagama athi Zifakele Okwamuva bese uchofoza lapho kuthi khona Faka.

  2. Ebhokisini lamafayela elivulekayo, iya efayeleni eligcina ngegama elithi “.updatepkg”. Khetha lelo fayela bese ichofoza ibhathini elithi Vula ukuze ufake okwamuva ku-Watchtower Library.