Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

I-JW LANGUAGE

Ongakwenza Kuyi-JW Language

Ongakwenza Kuyi-JW Language

Inezimili Eziningi

Khetha ulimi lwakho ezilimini ezingu-18 ezitholakalayo noma ukhethe olunye oluzwayo. Ungakhetha phakathi kwesiBengali, isiShayina (Esenziwe lula) esihlanganisa okulalelwayo kwesiMandarin, isiNgisi, isiFulentshi, isiJalimane, isiHindi, isi-Indonesia, isiNtaliyane, isiJapane, isiKorea, isiMyanmar, isiPutukezi, isiRussia, iSpanishi, isiSwahili, isiTagalog, isiThai, nesiTurkey.

 

Ukwaziswa Okusiza Ensimini

Amagama asetshenziswe kuyi-JW Language agxila ekushumayeleni, ekufundiseni nasendleleni yeBhayibheli yokusebenzisa amagama. Kukhona namapheshana amaningana afakiwe ukuze ukwazi ukuqhathanisa ulimi owaluncela ebeleni nolimi olufundayo.

 

Izindlela Zokufunda Ezivumelana Nezimo

  • Funda: Funda uqhathanisa ulimi lwakho lwebele nalolo ofuna ukulufunda

  • Lalela: Umuntu womdabu oqoshiwe, ekhuluma igama negama, umusho nomusho nencwadi yolimi olufundayo

  • Bukela: I-video ethi Kungani Kufanele Utadishe IBhayibheli? nethi Kwenzekani Esifundweni SeBhayibheli? ngolimi lwakho nangolimi olufundayo

  • Hlola ulwazi lwakho: nge-Flash-card mode

 

Izinto Ofuna Ukuzithola Ngokushesha

Uma ufuna ukusheshe uthole okuthile noma ukuze uthole amagama avame ukusetshenziswa noma ayinkinga wagcine ngokuthi Favorite. Ungaphinde ubheke nengxenye ethi Favorites kuyi-Flash-Card Mode.

 

Indlela Yokubhala Esebenzisa Ongwaqa Nonkamisa

Nasezilimini ezingasebenzisi ongwaqa nonkamisa abavamile, amagama azovela engongwaqa nonkamisa.

 

Usizo

Uma uba nezinkinga nge-JW Language, sicela ugcwalise ifomu kuyi-internet bese ulithumela.