Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Kuyindlela Entsha!”

“Kuyindlela Entsha!”

USOO-JEONG, ongumeluleki esikoleni samabanga aphakeme eNingizimu Korea, uye wasebenzisa ama-video asengosini ethi jw.org ukuze afundise izingane ekilasini lakhe. Uthi: “Indlela abafundi abasabela ngayo kuyi-video ethi Unjani Umngane Weqiniso? ayikholakali! Ngemva kokubukela le video basho amazwi anjengokuthi: ‘Angikaze ngibubheke ngale ndlela ubungane. Kuyindlela entsha!’ Abanye bathi bazongena kule ngosi noma nini lapho bedinga iseluleko.” USoo-jeong uyanezela: “Ngiye ngayitusa le video nakozakwethu esisemkhakheni owodwa nabo futhi baye bakujabulela ukuba nethuluzi elihle kanje abangalisebenzisa emakilasini abo.”

Enye i-video abafundi abaningi baseNingizimu Korea abaye bayithola iwusizo ithi Nqoba Isiqhwaga Ngaphandle Kokusebenzisa Isibhakela. Uthisha osebenza eNhlanganweni Yokunqanda Ubudlova Entsheni wayibonisa abafundi ekilasini lakhe. Wathi, “Le video iyathandeka entsheni eningi ngenxa yokusebenzisa kwayo imidwebo ekhangayo. Ngaphezu kwalokho, le video iyasebenziseka ngoba ayibonisi kuphela izindlela zokubhekana nobudlova kodwa nezokubugwema.” Le nhlangano yacela imvume yokusebenzisa le video ezifundweni zayo, zamabanga aphansi nezamabanga aphakathi. Yanikezwa imvume. Ngisho nabaphathi basemaphoyiseni bayawasebenzisa ama-video atholakala ku-jw.org.

Uma ungakaze uyivakashele le ngosi, kungani ungenzi kanjalo? Kulula ukuthola okufunayo kuyo, kanti zonke izinto ezidawunilodwayo—okulalelwayo, ama-video, iBhayibheli kanye nezincwadi eziningi—zimahhala.