Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | INDLELA IBHAYIBHELI ELASINDA NGAYO

IBhayibheli Lasinda Ekugugeni

IBhayibheli Lasinda Ekugugeni

USONGO: Izinto eziyinhloko abalobi nabakopishi beBhayibheli ababebhala kuzo kwakuyi-papyrus nesikhumba. * (2 Thimothewu 4:13) Lezo zinto zalenza kanjani iBhayibheli lacishe langasinda?

Kulula ukuba i-papyrus idabuke, iphuphe futhi ithambe. Izazi zomlando waseGibhithe lasendulo, uRichard Parkinson noStephen Quirke, zithi: “Ikhasi [layo] lingagcina seliguge laba yizintanjana nothuli. Lapho umqulu ugciniwe futhi wagqibeka, ungakhunta noma uboliswe umswakama futhi ungadliwa amagundane noma izinambuzane, ikakhulu izintuthwane ezimhlophe.” Ngemva kokuba itholakele, enye i-papyrus yathola ukukhanya noma umswakama oweqile, yabe isiguga ngokushesha nakakhulu.

Isikhumba siqinile kune-papyrus, kodwa naso siyaguga uma siphathwa kabi noma sithola ukubanda nokushisa okweqile, umswakama noma ukukhanya. * Izinambuzane ziyasidla naso isikhumba. Ngenxa yalokho, incwadi ethi Everyday Writing in the Graeco-Roman East ithi imibhalo yasendulo ayivamile ukusinda. Ukube iBhayibheli laguga ngale ndlela, umyalezo walo wawuyoshabalala nalo.

INDLELA IBHAYIBHELI ELASINDA NGAYO: Ngokomthetho wamaJuda, kwakuyimpoqo ukuba wonke amakhosi ‘azibhalele encwadini ikhophi yalo mthetho,’ oyizincwadi ezinhlanu zokuqala zeBhayibheli. (Duteronomi 17:18) Ngaphezu kwalokho, abakopishi abaqeqeshiwe bákhiqiza imibhalo yesandla eminingi kangangokuthi ngekhulu lokuqala C.E., imiBhalo yayitholakala emasinagogeni kulo lonke elakwa-Israyeli ngisho nale kude eMakedoniya! (Luka 4:16, 17; IzEnzo 17:11) Imibhalo yesandla emidala kakhulu yasinda kanjani kwaze kwaba namuhla?

Imibhalo yesandla ebizwa ngokuthi imiQulu YasoLwandle Olufile yahlala amakhulu eminyaka emigqonyaneni yobumba emihhumeni endaweni eyomile

Isazi seTestamente Elisha uPhilip W. Comfort sithi: “AmaJuda ayevamile ukulonda imiqulu enemiBhalo ngokuyifaka ezitsheni ezinjengezamanzi noma emigqonyaneni.” Kubonakala sengathi amaKristu aqhubeka nalo mkhuba. Ngenxa yalokho, kuye kwatholakala imibhalo yesandla yeBhayibheli yakudala emigqonyaneni yobumba, ezindlwaneni ezimnyama, emihhumeni nasezindaweni ezome ngendlela engavamile.

UMPHUMELA: Kuneziqeshana eziyizinkulungwane zemibhalo yesandla yeBhayibheli esekhona nanamuhla—eminye eneminyaka engaphezu kuka-2 000. Ayikho enye incwadi yasendulo enemibhalo yesandla eminingi kangaka neyakudala kangaka.

^ isig. 3 I-papyrus yinto okubhalwa kuyo eyenziwe ngesitshalo sasemanzini naso esibizwa ngaleli gama.

^ isig. 5 Ngokwesibonelo, ikhophi engokomthetho esayiniwe yeSimemezelo Sikazibuse Sase-United States yabhalwa esikhunjeni. Njengoba kungakapheli neminyaka engu-250, seyiphuphe kangangokuthi seyicishe ingafundeki.