Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INQABAYOKULINDA No. 1 2023 | Lithini IBhayibheli Ngesifo Sokuphazamiseka Kwengqondo?

Abantu abaningi emhlabeni wonke, bahlushwa izinkinga ezihlobene nezifo zengqondo. Abantu abasha nasebekhulile bangase babhekane nezimpawu zokucindezeleka kungakhathaliseki ukuthi izimo zabo zomnotho zimi kanjani, bafunde kangakanani, bavela kuluphi uhlanga nokuthi bakhonza kuyiphi inkolo. Yiziphi izinhlobo zezifo zokuphazamiseka kwengqondo ezikhona futhi zibahlupha kanjani abantu? Lo magazini uzokhuluma ngokuthi kubaluleke kangakanani ukufuna usizo olufanele kwabezokwelapha nokuthi iBhayibheli lingabasiza kanjani labo abahlushwa izinkinga zengqondo.

 

Inkinga Yomhlaba Wonke Yesifo Sokuphazamiseka Kwengqondo

Isifo sokuphazamiseka kwengqondo singaphatha noma ubani. Bona ukuthi iseluleko seBhayibheli singakuzuzisa kanjani.

UNkulunkulu Uyakuthanda

Yini engakwenza uqiniseke ngokuthi uJehova uNkulunkulu uyayiqonda imizwa nemicabango yakho ukudlula noma yimuphi omunye umuntu?

1 | Umthandazo—‘Phonsa Zonke Izinkathazo Zakho Kuye’

Ungathandaza yini kuNkulunkulu umtshele imicabango ekukhathazayo? Umthandazo ubasiza kanjani abantu abakhathazekile?

2 | “Induduzo Evela EmiBhalweni”

Umyalezo weBhayibheli usinikeza ithemba lokuthi maduze ubuhlungu esibuzwayo buzophela.

3 | Zuza Ezibonelweni EziseBhayibhelini

Izibonelo eziseBhayibhelini zamadoda nabesifazane abafana nathi zingasisiza singazizwa sisodwa uma sifikelwa imizwa ephazamisayo.

4 | IBhayibheli Linezeluleko Ezisebenzayo

Bona ukuthi ukufunda amavesi eBhayibheli akhuthazayo nokuzibekela imigomo ozokwazi ukuyifinyelela kukusiza ukwazi ukubhekana nezinkinga zengqondo onazo.

Indlela Yokusiza Abanezifo Zokuphazamiseka Kwengqondo

Angasizakala kakhulu umngane wakho onesifo sokuphazamiseka kwengqondo uma umsekela.