Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INDLELA YOKUQEDA UKUZONDANA OKUNGAPHELI

1 | Ungakhethi

1 | Ungakhethi

IBhayibheli Lithi:

“UNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke [wonke] umuntu omesabayo nowenza okulungile uyamukeleka kuye.”​IZENZO 10:34, 35.

Lokho Okukushoyo:

UJehova * uNkulunkulu akasahluleli ngokobuzwe bethu, uhlanga, ibala lesikhumba noma ngokwesiko lethu. Kunalokho ugxila kokubaluleke kakhulu​—lokho esiyikho ngaphakathi. Kuyiqiniso, “umuntu ubona okubonakala emehlweni, kodwa uJehova ubona okusenhliziyweni.”​—1 Samuweli 16:7.

Lokho Ongakwenza:

Nakuba singeke sikwazi ukufunda izinhliziyo, singazama ukulingisa uNkulunkulu sibheke abanye ngokungakhethi. Kunokubheka abantu njengeqembu zama ukubona umuntu ngamunye ngokwalokho ayikho. Uma uzwa sengathi unemizwa engemihle ngabanye​—mhlawumbe labo bolunye uhlanga noma ubuzwe—​thandaza kuNkulunkulu umcele akusize ukuba uyisuse leyo mizwa. (IHubo 139:23, 24) Uma umcela ngobuqotho uJehova ukuba akuphe amandla okungakhethi, ungaqiniseka ngokuthi uzowulalela umthandazo wakho futhi akusize.​—1 Petru 3:12.

^ par. 6 UJehova igama likaNkulunkulu.​—IHubo 83:18.

“Ngangingakaze ngihlale ngokuthula nomlungu . . . Manje ngase ngiyingxenye yobuzalwane bangempela bomhlaba wonke.”—UTITUS