Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Zikhona yini ezinye izinto ama-Israyeli ayezidla ehlane ngaphandle kwemana nezagwaca?

Imana yayiwukudla okuyinhloko kwama-Israyeli phakathi neminyaka engu 40 esehlane. (Eks. 16:35) UJehova wawapha nezagwaca kabili. (Eks. 16:​12, 13; Num. 11:31) Noma kunjalo, ayenakho okunye ukudla ayengakudla.

Ngokwesibonelo, ngezinye izikhathi uJehova wayeholela abantu bakhe ‘endaweni yokuphumula’ eyayinamanzi okuphuza nokudla ababengakudla. (Num. 10:33) Enye yalezo zindawo kwakuyi-Elimi, “lapho kwakukhona iziphethu zamanzi ezingu-12 nezihlahla zesundu ezingu-70.” (Eks. 15:27) Incwadi ethi Plants of the Bible ithi isihlahla sesundu, “esimila ezindaweni eziningi ogwadule, . . . yisona izigidi zabantu ezithola kuso ukudla, amafutha nendawo yokukhosela.”

Kungenzeka nokuthi ama-Israyeli ama endaweni enkulu enamanzi, namuhla ebizwa ngokuthi iFeiran, eyingxenye yeWadi Feiran. a Incwadi ethi Discovering the World of the Bible ithi, “lesi sigodi esinomfula singamakhilomitha angu-130 ubude futhi singesinye sezigodi ezinde, ezinhle nezidume kunazo zonke eSinayi.” Iyaqhubeka ithi: “Kulesi sigodi esinomfula, cishe emakhilomitheni angu-45 uma usuka lapho umfula ungena khona olwandle, kuneFeiran Oasis, enhle engamakhilomitha angu-4,8 ubude, egcwele izihlahla zesundu, ephakeme ngamamitha acishe abe ngu-610 olwandle. Iyi-Edene yaseSinayi. Kusukela endulo, abantu bebeza lapha ngenxa yezihlahla zesundu eziningi kakhulu.”

Izihlahla zesundu endaweni enamanzi yaseFeiran

Ngesikhathi ama-Israyeli ehamba eGibhithe, ahamba nenhlama, izitsha zokuxovela, cishe nokudla okusanhlamvu namafutha. Yiqiniso, lezi zinto zazingeke zihlale isikhathi eside. Abantu bahamba ‘nanemihlambi nemfuyo eningi kakhulu.’ (Eks. 12:​34-39) Nokho, ngenxa yokuthi komile ogwadule, inani lemfuyo cishe lancipha. Kungenzeka ukuthi ama-Israyeli ayidla enye. Enye imfuyo kungenzeka yenziwa imihlatshelo, yenzelwa ngisho nonkulunkulu bamanga. b (IzE. 7:​39-43) Noma kunjalo, ama-Israyeli ayeyizalanisa imfuyo, njengoba kubonisa amazwi uJehova awasho kubantu ngenxa yokungabi nokholo kwabo okubi kakhulu: “Amadodana enu ayoba abelusi ehlane iminyaka engu-40.” (Num. 14:33) Kungenzeka ukuthi babethola ubisi emihlanjini yabo, ngezikhathi ezithile bathole inyama kodwa cishe lezo zinto zazingenele ukondla abantu ababalelwa ezigidini ezintathu iminyaka engu-40. c

Le mfuyo yayikutholaphi ukudla namanzi? d Ngaleso sikhathi kungenzeka kwakunemvula eningi ehlane okwakwenza kube nokudla okuningi okungadliwa yile mfuyo. I-Insight on the Scriptures, Umqulu 1, ithi, eminyakeni engu-3 500 edlule, “amanzi ayemaningi e-Arabhiya kunamanje. Ukuba khona kwezigodi eziningi, ezijulile ezomile ezaziyimifula, kuwubufakazi bokuthi esikhathini esidlule kwakunemvula eningi eyayenza kube nemifula.” Noma kunjalo, leli hlane laliyindawo engenalutho neyesabekayo. (Dut. 8:​14-16) Ngaphandle kwamanzi uJehova ayewanike wona ngokuyisimangaliso, ama-Israyeli nemfuyo yawo ngabe bafa.—Eks. 15:​22-25; 17:​1-6; Num. 20:​2, 11.

UMose watshela ama-Israyeli ukuthi uJehova wayewondle ngemana ‘ukuze awenze azi ukuthi umuntu akaphili ngesinkwa sodwa kodwa umuntu uphila nangawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaJehova.’—Dut. 8:3.

a Bheka INqabayokulinda kaMeyi 1, 1992, kk. 24-25.

b IBhayibheli likhuluma ngezikhathi ezimbili lapho izilwane zenziwa khona umhlatshelo oya kuJehova ehlane. Esokuqala, kwakungesikhathi kumiswa abapristi; esesibili, kwakungesikhathi sePhasika. Yomibili le mihlatshelo yenziwa ngo-1512 B.C.E., unyaka wesibili ngemva kokuphuma kwama-Israyeli eGibhithe.—Lev. 8:14–9:24; Num. 9:​1-5.

c Ngasekupheleni kweminyaka engu-40, ama-Israyeli athatha imfuyo engamakhulu ayizinkulungwane yaba impango. (Num. 31:​32-34) Noma kunjalo, aqhubeka edla imana aze ayongena eZweni Lesithembiso.—Josh. 5:​10-12.

d Akukho okubonisa ukuthi imfuyo yayidla imana ngenxa yokuthi yayikalwa ngokwalokho umuntu ngamunye angakudla.—Eks. 16:​15, 16.