Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UHulda Wawufinyelela Umgomo Wakhe

UHulda Wawufinyelela Umgomo Wakhe

UMA eminyakeni embalwa edlule wawuke wavakashela isiqhingi esincane saseSangir Besar e-Indonesia, kungenzeka wabona odadewethu abathathu abangamaKristu ebhishi. Kuleso siqhingi baziwa kakhulu ngokushumayela—basiza abantu baqonde iBhayibheli. Kodwa ngaleso sikhathi babenza okuhlukile.

Isiqhingi saseSangir Besar esisenyakatho ye-Indonesia

Okokuqala, babengena olwandle bafune amatshe asindayo bawakhiphele ngaphandle esihlabathini. Amanye alawo matshe ayemakhulu elingana nebhola lezinyawo. Ngemva kwalokho, babehlala ezihlalweni ezincane zamapulangwe bese bephihliza la matshe ngesando abe yizicucu ezincane ezingaphansi kweqanda lenkukhu. Ngemva kwalokho, babethatha la matshe amancane bawafake emabhakedeni epulasitiki banyuke nawo baye lapho behlala khona. Babebe sebethatha la matshe bawafake ezikhwameni ezinkulu, bazilayishe emalolini bese esetshenziswa lapho kwakhiwa umgwaqo.

UHulda uqoqa amatshe ebhishi

Omunye walab’ odade kwakunguHulda. Ngokungafani nabanye, yena izimo zakhe zazimvumela ukuba awenze isikhathi esengeziwe lo msebenzi. Ngokuvamile imali ayeyithola wayondla ngayo umndeni wakhe. Kodwa manje wayesenokunye ayefuna ukukwenza. Wayefuna ukuthenga ithebhulethi ukuze akwazi ukusebenzisa i-JW Library® app. UHulda wayazi ukuthi amavidiyo nezinye izinto ezikuleyo app kwakuzoyithuthukisa inkonzo yakhe, kumenze aliqonde nakangcono iBhayibheli.

UHulda wayesebenza amahora amabili njalo ekuseni kwaze kwaphela inyanga nohhafu, ephihliza amatshe amaningi agcwala iloli elincane. Ekugcineni, waba nemali eyanele yokuthenga ithebhulethi.

UHulda uphethe ithebhulethi yakhe

UHulda uthi: “Nakuba ngangikhathele ngiyingcuba nomzimba wami utubekile, lapho sengisebenzisa ithebhulethi yami zonke izinhlungu zavele zawubala, yangisiza ensimini, kwaba lula nokulungiselela imihlangano yobuKristu.” Uthi yamsiza nalapho kuqala ubhubhane, ngoba zonke izinto zebandla zazenziwa ngevidiyo. Sijabula noHulda ngokuthi wawufinyelela umgomo wakhe.