PHAPHAMA! Meyi 2014 | Izindlela Eziyinhloko Zokubhekana Nokucindezeleka

Empeleni, ukucindezeleka kungaba usizo, kodwa kuphela uma kubhekwana nakho ngendlela efanele.

Ukubuka Okwezwe

Izihloko zihlanganisa: izindawo okutholakala kuzo izilwane nezitshalo ezintsha ezingaphezu kwekhulu unyaka ngamunye, ukusikisela kokuthi singakanani isikhathi izingane ezingasichitha zibukela i-TV, nentuthuko—noma ukungabi khona kwayo—ekuphehleni amandla kagesi angawungcolisi umoya.

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Izindlela Eziyinhloko Zokubhekana Nokucindezeleka

Amacebiso asebenzayo atholakala eBhayibhelini angakusiza ukwazi ukubhekana nezimbangela ezine ezivamile zokucindezeleka.

USIZO LOMNDENI

Fundisa Intsha Ukusebenzisa I-Internet Ngokuqapha

Ungayisiza kanjani ingane yakho ukuba ingaphili nje ngemithetho kuphela kodwa ikwazi ukuzenzela izinqumo ezihlakaniphile?

INGXOXO NOTHILE

Udokotela Ohlinzayo Uchaza Ngokholo Lwakhe

Kwaphela iminyaka eminingi uDkt. Guillermo Perez ekholelwa ukuthi indalo yazivelela, kodwa manje useyaqiniseka ukuthi imizimba yethu yaklanywa uNkulunkulu. Yini eyamenza washintsha umqondo?

Ukuzingelwa Kwabathakathi EYurophu

Inkathi embi neyokunukwa kwabantu yaphawulwa ngencwadi ‘enesihluku kakhulu nelimaza kunazo zonke izincwadi emhlabeni.’

UMBONO WEBHAYIBHELI

Ukuzindla

Akuzona zonke izinhlobo zokuzindla ezikhuthazwayo.

Ukuhlakanipha Kuyamemeza—Ingabe Uyakuzwa?

Ukuhlakanipha kwangempela kuyoxazulula izinkinga zesintu.

Ezinye Izihloko Ezikuyi-Internet

Nginokwethe­njelwa Kangakanani?

Enye intsha inikezwa inkululeko eyengeziwe kunenye. Yini eyenza kube nalo mehluko?

Kuthiwani Uma Abazali Bami Behlukana?

Ungabudedela kanjani ubuhlungu, ulaka nentukuthelo?

Okushiwo Yintsha Ngokubukeka Komzimba

Kungani kungaba inselele ngentsha ukulondoloza umbono olinganiselayo ngendlela ebukeka ngayo? Yini engasiza?

UMose Ukhulela EGibhithe

Kungani unina kaMose amfaka emfuleni iNayile umntanakhe? Funda okwengeziwe ngaye, umndeni wakubo nangendodakazi kaFaro.