Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI: INGABE SITHENGA NGOKWEQILE?

Kungani Sithenga?

Kungani Sithenga?

Lapho kwenziwa ucwaningo lwembulunga yonke olwakhishwa ngo-2012, ingxenye kulabo okwakhulunywa nabo yavuma ukuthi ike yazithenga izinto engazidingi ngempela. Abayizingxenye ezimbili kwezintathu bakhathazwa ukuthi abathengi bathenga ngokweqile. Ukukhathazeka okunjalo kungase kube nengqondo. Iningi labathengi liye lacwila ezikweletini. Abacwaningi bathi ukuthenga kakhulu kungasenza sicindezeleke kakhulu futhi singajabuli kunokuba kusenze saneliseke ngokwengeziwe! Khona-ke, kungani sithenga kakhulu kangaka?

NJENGABATHENGI, sihlale sithola inqwaba yezikhangiso. Uyini umgomo wabakhangisi? Ukwenza izinto esizifunayo zibonakale ziyizinto esizidingayo. Abakhangisi bayazi ukuthi ukuziphatha kwabathengi kulawulwa kakhulu umzwelo. Ngakho izikhangiso nezindawo zokuthenga zihlelwe ngendlela ekhanga kakhulu.

Incwadi ethi Why People Buy Things They Don’t Need, ithi: “Lapho ehlela ukuthenga okuthile, umthengi uqala ngokuphupha eyibheka leyo nto, eyithola, abese eyenza ibe ngeyakhe.” Ezinye izazi zisola ukuthi abathengi bangase babe nelikhulu isasasa lapho bethenga. UJim Pooler oyisazi kwezokudayisa uyachaza: “Uma umdayisi ebona ukuthi umthengi ugcwele isasasa futhi ikhono lakhe lokwahlulela libuthaka, angasizakala ngalokho abese ekusebenzisa kabi.”

Ungazivikela kanjani ekubeni isisulu sabakhangisi abangamaqili? Ungalawulwa imizwelo, futhi qhathanisa izithembiso zabakhangisi nalokho okungamaqiniso.

 ISITHEMBISO: “Thuthukisa Izinga Lokuphila Kwakho”

Kungokwemvelo ukufuna ukuphila okungcono. Abakhangisi basifuhlela ngenqwaba yemiyalezo yokuthi zonke izifiso zethu—impilo engcono, ukulondeka, ukuphela kokucindezeleka nobuhlobo obuseduze—zingagcwaliseka ngokuthenga izinto ezifanele.

UKUBHEKANA NAMAQINISO:

Lapho izinto esinazo zanda, izinga lokuphila kwethu empeleni liyehla. Sidinga isikhathi nemali eyengeziwe ukuze sinakekele inqwaba yezinto esinazo. Izinga lokucindezeleka liyenyuka ngenxa yokucindezelwa izikweletu, kanti isikhathi sokuba nomkhaya nabangane siyancipha.

Njengoba izinto esinazo zanda, izinga lokuphila kwethu empeleni lingehla

Isimiso: “Ngisho nalapho umuntu enensada ukuphila kwakhe akuveli ezintweni anazo.”Luka 12:15.

ISITHEMBISO: “Zenzele Igama”

Bambalwa abantu abayovuma ukuthi bathenga izinto ukuze bahlabe abanye umxhwele. Nokho, uJim Pooler uyaphawula: “Lapho abantu bethenga, isici esivelele kakhulu kulokho ukuthi bancintisana nabangane, omakhelwane, abantu abasebenza nabo nezihlobo.” Ngenxa yalokhu, izikhangiso zivame ukubonisa imikhiqizo isetshenziswa abantu abaphumelelayo, abadla izambane likapondo. Umyalezo odluliselwa izikhangiso ezinjalo uthi: “Kungaba nguwe lo!”

UKUBHEKANA NAMAQINISO:

Ukuzama ukuveza ukubaluleka kwethu ngokuziqhathanisa nabanye kudala ukunganeliseki okungapheli. Lapho sesikutholile okuthile ebesikufisa, ngokushesha sibe sesigxila kokunye esikufisayo.

Isimiso: “Umthandi wesiliva nje ngeke aneliseke ngesiliva.”UmShumayeli 5:10.

ISITHEMBISO: “Zibonakalise Ukuthi Ungubani”

Incwadi ethi Shiny Objects iyachaza: “Sivame ukutshela abantu ukuthi singobani (noma singathanda ukuba obani) ngendlela esisebenzisa futhi sibukise ngayo ngezinto esinazo.” Abakhangisi bayakwazi lokhu futhi basebenzela ekutheni bahlobanise imikhiqizo ethile—ikakhulukazi leyo ewubukhazikhazi—nezindlela ezithile zokuphila nezokuziphatha.

Wena uzibheka kanjani, futhi ungathanda ukuba abanye bakubheke kanjani? Njengomuntu wemfashini? Wezemidlalo? Kungakhathaliseki ukuthi ufuna ukubhekwa kanjani, abathengisi bathembisa ukuthi uma uthenga umkhiqizo ofanele, ungaba uhlobo lomuntu ofisa ukuba yilo.

UKUBHEKANA NAMAQINISO:

Awukho umkhiqizo esingawuthenga ongashintsha lokho esiyikho ngempela noma usenze sibe nezimfanelo ezifiselekayo, njengokwethembeka nobuqotho.

Isimiso: “Ukuhloba kwenu makungabi . . . okokufaka imihlobiso yegolide noma okokugqoka izingubo zangaphandle, kodwa makube umuntu osithekile wenhliziyo.”1 Petru 3:3, 4.