Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Ngifuna Isehlukaniso!”

“Ngifuna Isehlukaniso!”

Indlu ewohlokayo isinezimpawu zokunganakwa. Sekuyiminyaka ibekezelela iziphepho, kodwa hhayi zonke ngokuphumelelayo. Manje, izindonga zale ndlu seziyawohloka, futhi ibonakala isingabhidlika noma nini.

LESI SITHOMBE sichaza isimo imishado eminingi ekuso namuhla. Ingabe wake waba nomuzwa wokuthi nowakho umshado uya lapho? Uma kunjalo, qiniseka ngokuthi ayikho imibhangqwana engenazo izinkinga. Empeleni, iBhayibheli liyakuvuma ukuthi labo abashadayo “bayoba nobuhlungu nosizi.”—1 Korinte 7:28, The New English Bible.

Lapho ligcizelela ukuba yiqiniso kwalawo mazwi, iqembu elithile labacwaningi lachaza umshado “njengento eyingozi kunazo zonke abantu abaningi abangena kuyo.” Lanezela: “Into eqala njengobuhlobo obujabulisa kakhulu nobuthembisayo ingaba yinto ekhungathekisa kunazo zonke nebuhlungu kakhulu ekuphileni komuntu.”

Kuthiwani ngomshado wakho? Ingabe unesici esisodwa noma ngaphezulu kulezi ezibalwe ngezansi?

  • Ukuxabana njalo

  • Inkulumo ehlabayo

  • Ukungathembeki

  • Ukuthukuthelelana

Uma umshado wakho ubonakala usengozini futhi ungachitheka noma nini, kufanele wenzeni? Ingabe isehlukaniso siyikhambi?