IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?

Uyini umyalezo weBhayibheli oyisisekelo?

Kungani Kumelwe Uhlole IBhayibheli?

Cabanga ngamanye amaqiniso ngeBhayibheli, liyincwadi eyaziwa abantu abaningi emhlabeni.

INGXENYE 1

UMdali Unikeza Umuntu IPharadesi

IBhayibheli lithi abantu badalwa kanjani? UNkulunkulu wabayala wathini abantu bokuqala?

INGXENYE 2

IPharadesi Liyalahleka

Ngesikhathi uNkulunkulu ahlulela u-Adamu no-Eva, yiliphi ithemba alinika abantu?

INGXENYE 3

Isintu Siyasinda KuZamcolo

Bagcwala kanjani ububi emhlabeni? UNowa wabonisa kanjani ukuthi wayethembekile?

INGXENYE 4

UNkulunkulu Wenza Isivumelwano No-Abrahama

Kungani u-Abrahama athuthela eKhanani? Yisiphi isivumelwano uNkulunkulu asenza no-Abrahama?

INGXENYE 5

UNkulunkulu Ubusisa U-Abrahama Nomndeni Wakhe

Yini uJehova ayefuna ukuyibonisa ngesikhathi etshela u-Abrahama ukuba anikele ngo-Isaka? Yini uJakobe aprofetha ngayo ngaphambi kokuba afe?

INGXENYE 6

UJobe Ugcina Ubuqotho

Incwadi kaJobe ibonisa kanjani ukuthi wonke umuntu angaba nesandla elelweni kobukhosi bukaNkulunkulu?

INGXENYE 7

UNkulunkulu Ukhulula Abantwana Bakwa-Israyeli

Kwenzeka kanjani ukuba uMose asetshenziswa uNkulunkulu ekukhululeni ama-Israyeli? Kungani ama-Israyeli agubha iPhasika?

INGXENYE 8

Abantu Bakwa-Israyeli Bangena Ekhanani

Ngesikhathi ama-Israyeli ehlasela iKhanani kungani uJehova asindisa uRahabi nomkhaya wakhe?

INGXENYE 9

Ama-Israyeli Afuna Ukuba Nenkosi

Ngesikhathi ama-Israyeli efuna ukuba neNkosi, uJehova wakhetha uSawule. Kungani uJehova abeka uDavide njengeNkosi esikhundleni seNkosi uSawule?

INGXENYE 10

USolomoni Ubusa Ngokuhlakanipha

USolomoni wakubonisa kanjani ukuhlakanipha kwakhe? Yini eyenzeka ngesikhathi echezuka ezindleleni zikaNkulunkulu?

INGXENYE 11

Izingoma Eziphefumulelwe Eziduduzayo Nezifundisayo

YImaphi amahubo abonisa indlela uNkulunkulu asiza futhi aduduze ngayo labo abamthandayo? INkosi yembulani engomeni kaSolomoni?

INGXENYE 12

Ukuhlakanipha KukaNkulunkulu Okusiqondisayo Ekuphileni

Cabanga ngendlela incwadi yezAga neyomShumayeli engasiqondisa ngayo iphinde isisize sithembele kuNkulunkulu.

INGXENYE 13

Amakhosi Amahle Namabi

Kwenzeka kanjani ukuba u-Israyeli uhlukane phakathi?

INGXENYE 14

UNkulunkulu Ukhuluma Ngabaprofethi Bakhe

Abaprofethi bakaNkulunkulu babekhuluma ngani? Cabanga ngezinto ezine abakhuluma ngazo.

INGXENYE 15

Umprofethi Othunjiwe Uthola Imibono Yesikhathi Esizayo

UDaniyeli wafundani ngoMesiya nangoMbuso kaNkulunkulu?

INGXENYE 16

UMesiya Uyafika

UJehova wazisebenzisa kajani izingelosi noJohane uMbhapathizi ukuze abonise ukuthi uJesu unguMesiya? UJehova wabonisa kanjani ukuthi iNdodana yakhe inguMesiya?

INGXENYE 17

UJesu Ufundisa NgoMbuso KaNkulunkulu

Wayeshumayela ngani uJesu? Wabonisa kanjani ukuthi uyobusa ngendlela enothando nobulungisa?

INGXENYE 18

UJesu Wenza Izimangaliso

Izimangaliso zikaJesu zibonisani ngamandla akhe nokubusa kwakhe kwesikhathi esizayo?

INGXENYE 19

UJesu Uprofetha Ngezenzakalo Eziyothinta Umhlaba Wonke

Sisho ukuthini isibonakaliso uJesu asitshela abaphostoli bakhe?

INGXENYE 20

UJesu Kristu Uyabulawa

Yimuphi umkhosi omusha uJesu awumisa ngabaphambi kokuba akhashelwe futhi abulawe?

INGXENYE 21

UJesu Uyaphila!

Abafundi bakaJesu bathola kanjani ukuthi uNkulunkulu umvusile?

INGXENYE 22

Abaphostoli Bashumayela Ngesibindi

Yini eyenzeka ngoMkhosi WePhentekoste? Yini eyenziwa yizitha lapho abafundi bakaJesu beshumayela?

INGXENYE 23

Izindaba Ezinhle Ziyasakazeka

Kwenzekani ngemva kokuba uPawulu elaphe indoda eListra? UPawulu wafika kanjani eRoma?

INGXENYE 24

UPawulu Ubhalela Amabandla

Yisiphi isiqondiso uPawulu asinikeza ngokwenza izinto ngendlela ehlelekile ebandleni? Wathini ngembewu ethenjisiwe?

INGXENYE 25

Iseluleko Ngokholo, Ukuziphatha Nothando

UmKristu angalubonisa kanjani ukholo? Umuntu ubonisa kanjani ukuthi umthanda ngempela uNkulunkulu?

INGXENYE 26

IPharadesi Liyabuyiselwa!

Incwadi yesAmbulo iwusonga kanjani umyalezo weBhayibheli?

Umyalezo WeBhayibheli—Ukubuyekeza

UJehova wakwembula kanjani kancane kancane ukuthi uJesu uzokuba uMesiya, ozobuyisela ipharadesi emhlabeni?

Uhlu lwezikhathi zeBhayibheli

Bheka umlando wohlu lwezikhathi zeBhayibheli, kusukela ngo-4026 B.C.E. kuya cishe ku-100 C.E.