‘Ukunikeza Ubufakazi Obuphelele’ NgoMbuso KaNkulunkulu

Le ncwadi ilandisa indlela elaqala ngayo ibandla lamaKristu angekhulu lokuqala nendlela lokhu thina okusithinta ngayo namuhla.

Amabalazwe

Amabalazwe abonisa lokho okuvame ukubizwa ngokuthi aMazwe Angcwele kanye nohambo olwathathwa umphostoli uPawulu ngesikhathi eyisithunywa sevangeli.

INcwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo

Kungani singaqiniseka ngokuthi uJehova uzoqhubeka esisekela njengoba ‘sinikeza ubufakazi obuphelele ngoMbuso KaNkulunkulu’?

ISAHLUKO 1

“Hambani Niyokwenza . . . Abafundi”

UJesu wabikezela ukuthi umyalezo woMbuso wawuyoshunyayelwa ezizweni zonke. Kufezwe kanjani lokhu?

ISAHLUKO 2

“Nizoba Ofakazi Bami”

UJesu wabalungiselela kanjani abaphostoli ukuba bahole emsebenzini wokushumayela?

ISAHLUKO 3

“Bagcwala Umoya Ongcwele”

Iyiphi indima eyadlalwa umoya ongcwele lapho kusungulwa ibandla lobuKristu?

ISAHLUKO 4

‘Abantu Abangafundile Nabavamile’

Abaphostoli bathatha isinyathelo esibonisa isibindi futhi uJehova uyababusisa.

ISAHLUKO 5

“Kumelwe Silalele UNkulunkulu Njengombusi”

Abaphostoli baqina bebekela wonke amaKristu eqiniso isibonelo.

ISAHLUKO 6

UStefanu—‘Ugcwele Umusa Waphezulu Namandla’

Yini esingayifunda endleleni uStefanu anikeza ngayo ubufakazi ngesibindi enkantolo ephakeme yamaJuda?

ISAHLUKO 7

Ukumemezela “Izindaba Ezinhle NgoJesu”

UFiliphu ubeka isibonelo esihle njengomvangeli.

ISAHLUKO 8

Ibandla “Langena Enkathini Yokuthula”

Umshushisi onesihluku uSawulu uba isikhonzi esishisekayo.

ISAHLUKO 9

“UNkulunkulu Akakhethi”

AmaKristu ashumayela kwabeZizwe abangasokile.

ISAHLUKO 10

“Izwi LikaJehova Laqhubeka Likhula”

UPetru uyakhululwa futhi ushushiso alukunqandi ukusakazeka kwezindaba ezinhle.

ISAHLUKO 11

‘Bagcwala Injabulo Nomoya Ongcwele’

Isibonelo sikaPawulu lapho ebhekene nabantu abanonya nabangasabeli.

ISAHLUKO 12

‘Bakhuluma Ngesibindi Begunyazwe UJehova’

UPawulu noBarnaba babonisa ukuthobeka, ukubekezela futhi babevumelana nezimo.

ISAHLUKO 13

‘Kwavela Ukungezwani Okukhulu’

Inkinga yokusoka yethulwa phambi kwendikimba ebusayo.

ISAHLUKO 14

“Sinqume Ngazwi-linye”

Funda indlela indikimba ebusayo eyafinyelela ngayo esinqumweni nomphumela wobunye esaba nawo emabandleni.

ISAHLUKO 15

‘Ukuqinisa Amabandla’

Ababonisi besigodi basiza ekuqiniseni amabandla okholweni.

ISAHLUKO 16

“Welela EMakedoniya”

Izibusiso zitholakala ngokwamukela isabelo nokukhuthazelela ushushiso ngenjabulo.

ISAHLUKO 17

“Wabonisana Nabo Ngemibhalo”

UPawulu unikeza ubufakazi obuphelele kumaJuda aseThesalonika nawaseBhereya.

ISAHLUKO 18

‘Funani UNkulunkulu, Nimthole Ngempela’

Lapho uPawulu ethola iphuzu abavumelana ngalo nezilaleli zakhe futhi ezivumelanisa nazo, yimaphi amathuba awathola okushumayela?

ISAHLUKO 19

“Qhubeka Ukhuluma, Ungathuli”

Yini esingayifunda enkonzweni kaPawulu ngesikhathi eseKorinte okungasisiza sinikeze ubufakazi obuphelele ngoMbuso kaNkulunkulu?

ISAHLUKO 20

‘Ukukhula Nokunqoba’ Naphezu Kokuphikiswa

Funda indlela u-Apholo noPawulu abasiza ngayo ekusakazeni izindaba ezinhle.

ISAHLUKO 21

“Ngimsulwa Egazini Labo Bonke Abantu”

UPawulu uyashiseka enkonzweni, unika abadala iseluleko.

ISAHLUKO 22

“Intando KaJehova Mayenzeke”

UPawulu uzimisele ukwenza intando kaNkulunkulu, ngakho uya eJerusalema.

ISAHLUKO 23

“Yizwani Ukuziphendulela Kwami”

UPawulu ulwela iqiniso phambi kwesixuku esithukuthele neSanhedrini.

ISAHLUKO 24

“Yiba Nesibindi!”

UPawulu usinda ngokulambisa etulweni lokumbulala futhi uziphendulela kuFeliksi.

ISAHLUKO 25

“Ngidlulisela Icala KuKhesari!”

UPawulu ubeka isibonelo sokuvikela izindaba ezinhle.

ISAHLUKO 26

“Akukho Noyedwa Kini Ozofa”

UPawulu ubonisa ukholo olukhulu nothando ngabanye abantu lapho bephukelwa umkhumbi.

ISAHLUKO 27

‘Ukunikeza Ubufakazi Obuphelele’

UPawulu uyaqhubeka eshumayela yize eboshiwe eRoma.

ISAHLUKO 28

‘Ezingxenyeni Ezikude Kakhulu Zomhlaba’

OFakazi BakaJehova baqhuba umsebenzi owaqalwa abalandeli bakaJesu Kristu ekhulwini lokuqala leNkathi yethu Evamile.

Uhlu Lwezikhombo Zezithombe

Uhlu lwezithombe ezivelele kule ncwadi.