Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 5

Yini Ozoyithola Emihlanganweni Yethu YobuKristu?

Yini Ozoyithola Emihlanganweni Yethu YobuKristu?

E-Argentina

ESierra Leone

Belgium

EMalaysia

Abantu abaningi bayekile ukuya emasontweni ngoba abazitholi izimpendulo zemibuzo abazibuza yona noma abayitholi induduzo. Pho, kungani kumelwe uye emihlanganweni yobuKristu yoFakazi BakaJehova? Yini ozoyithola kuyo?

Uzothola injabulo yokuba phakathi kwabantu abanothando nozwela. Ngekhulu lokuqala, amaKristu ayehlelwe aba amabandla futhi eba nemihlangano ukuze akhulekele uNkulunkulu, afunde imiBhalo futhi akhuthazane. (Hebheru 10:24, 25) Ebuthene nabantu abanothando, ayezizwa ephakathi kwabangane beqiniso—abafowabo abangamaKristu. (2 Thesalonika 1:3; 3 Johane 14) Nathi silandela indlela efanayo futhi sithola injabulo efanayo.

Uzothola inzuzo yokufunda indlela yokusebenzisa imithetho yeBhayibheli. Njengoba kwakunjalo ngezikhathi zeBhayibheli, amadoda, abesifazane nezingane babuthana ndawonye. Amadoda afanelekayo asebenzisa iBhayibheli ukuze asisize sibone indlela esingasebenzisa ngayo imithetho yalo ekuphileni kwethu kwansuku zonke. (Duteronomi 31:12; Nehemiya 8:8) Bonke abakhona bangaphendula lapho kunengxoxo nezilaleli futhi bacule, okusinika ithuba lokuveza ithemba esinalo njengamaKristu.—Hebheru 10:23.

Uzothola isibusiso sokuqiniswa kokholo lwakho kuNkulunkulu. Umphostoli uPawulu washo la mazwi kwelinye ibandla langosuku lwakhe: “Ngilangazelela ukunibona, . . . ukuze kube khona ukukhuthazana phakathi kwenu, omunye nomunye ngokholo lomunye, kokubili olwenu nolwami.” (Roma 1:11, 12) Emihlanganweni, ukuhlangana njalo nesikhonza nabo kuqinisa ukholo lwethu nokuzimisela ukuphila ngemithetho yeBhayibheli.

Siyakumema ukuba uze emihlanganweni elandelayo yebandla lethu ukuze uzitholele lezi zinzuzo. Siyokwamukela ngemfudumalo. Yonke imihlangano imahhala—akuthathwa nkongozelo.

  • Imihlangano yethu yebandla ilandela yiphi indlela?

  • Singazuza kanjani ngokuba khona emihlanganweni yobuKristu?