Dlulela kokuphakathi

Ududuza Abanye Naphezu Kwezinkinga Zakhe Zempilo

Ududuza Abanye Naphezu Kwezinkinga Zakhe Zempilo

 UClodean, onguFakazi kaJehova ohlala eNingizimu Africa, walaliswa esibhedlela ukuze ahlinzwe. Wayenezinkinga ezinkulu zempilo futhi kwakufanele anqume ukuthi uzokwelashwa kanjani. Kokubili ngaphambi nangemva kokuba ahlinzwe wayezizwa ekhathele kakhulu, ezwa ubuhlungu futhi ecindezelekile. Ngemva kwamaviki acishe abe yishumi ebuyele ekhaya, wayengakakwazi ukuhlala aqonde. Ngenxa yobhubhane lwe-COVID-19, kwakungekho muntu owayekwazi ukumvakashela.

 Ezimisele ukungazidabukeli, uClodean wathandaza kuNkulunkulu ecela ukuba amnikeze amandla okududuza abanye. Ngakho ngokushesha nje lapho esekwazi ukuhlala aqonde, waxoxa nodadewabo kamakhelwane wakhe, owayeke watadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova kodwa wabuye wayeka. UClodean wamfundela amazwi akhuthazayo atholakala eZwini LikaNkulunkulu, okwenza lona wesifazane ukuba aphinde aqalise isifundo. UClodean waphinde wamchazela ngezinzuzo zokuba khona emihlanganweni yobuKristu, ngesikhathi esifanayo eqikelela ukuthi uyakwazi ukungena ngezoom emihlanganweni yebandla lasendaweni. Lona wesifazane wakwazi ukuxhuma emihlanganweni waze ngisho waphendula engxenyeni yemibuzo nezimpendulo.

 Ngokulandelayo uClodean wakhuluma nodadewabo omncane walona wesifazane ayetadisha naye iBhayibheli, naye owayemagange ukutadisha iBhayibheli. Waze ngisho watshela uClodean ngabanye okwakungenzeka nabo bathande ukufunda. Waba yini umphumela? UClodean waqalisa izifundo zeBhayibheli nabanye abesifazane abane. Kodwa indaba yakhe ayipheleli lapho.

Clodean

 Ngenxa yokuthi uClodean ubakhathalela ngobuqotho abanye, wakwazi ukuqalisa izifundo zeBhayibheli nabanye abesifazane abayishumi-ngenkathi yobhubhane-okwamenza waba nezifundo ezingu 16. Abanye babo baba khona njalo emihlanganweni besebenzisa uzoom. Ngokuzigcina ematasa ngele ndlela uClodean wakwazi ukususa ingqondo yakhe kulokho ayebhekene nakho. Unomuzwa wokuthi ngenxa kaJehova, “uNkulunkulu wenduduzo yonke,” naye ukwazile ukududuza abanye.—2 Korinte 1:3, 4.

 Bazizwa kanjani laba besifazane ngalokho abakufundile? Omunye wabo uthi: “Ngizuze ngezindlela eziningi. Kodwa okwangithinta kakhulu kwaba ukufunda ngegama likaNkulunkulu. Lokhu kungisize kakhulu ukuba ngisondele kakhulu kuJehova.” Owesifazane wokuqala uClodean axoxa naye, ubheke phambili esikhathini lapho ezobhapathizwa khona. Lokhu kumjabulisa kakhulu uClodean. Futhi ululama kahle kakhulu ngemva kokuba ehlinziwe.