Dlulela kokuphakathi

“Isenzo Esisodwa Esincane Sokwethembeka”

“Isenzo Esisodwa Esincane Sokwethembeka”

 UDanielle, ongomunye woFakazi BakaJehova waseNingizimu Afrika, wathola isikhwama esashiywa yikhasimende esitolo sekhofi. Phakathi kuleso sikhwama kwakukhona isikhwama semali esasinemali namakhadi asebhange nawokuthenga ngesikweletu. Ezimisele ukubuyisela lesi sikhwama kumniniso, uDanielle wabheka ikheli noma inombolo yocingo kodwa wathola igama lalowo mlisa owayelahlekelwe yisikhwama kuphela. Wazama ukuya ebhange ukuze athole indlela yokuxhumana nalo mlisa kodwa leyo mizamo ayizange iphumelele. Akazange aliphonse ithawula, wabe eseshayela inombolo kadokotela ayithola erisidini elalikulesi sikhwama. Owaphendula ucingo kwadokotela wavuma ukudlulisela izinombolo zikaDanielle kulo mlisa owayelahlekelwe yisikhwama.

 Le ndoda yamangala lapho ithola ucingo oluvela kwadokotela, beyitshela ukuthi uDanielle wayesitholile isikhwama sayo futhi efuna ukuyibuyisela sona. Lapho ifika izosilanda, yathola uDanielle nobaba wakhe. Basebenzisa lelo thuba ukuze bayitshele ukuthi kungani babenze umzamo omkhulu kangaka wokuyithola. Bachaza ukuthi njengoba bengoFakazi BakaJehova, bazama ukuphila ngemiyalo yeBhayibheli. Yingakho behlale bezikhathaza ngokuhlala bethembekile.—Hebheru 13:18.

 Ngemva kwamahora ambalwa kamuva, le ndoda yathumelela uDanielle noyise umyalezo, ibabonga ngokubuyisa isikhwama sayo esinesikhwama semali. Yabhala: “Ngibonga angiphezi ngomzamo ongaka eniwenzile wokungifuna nize ningithole. Ngijabule kakhulu ukunazi nokuhlangana nomndeni wenu futhi ngiyohlale ngiwukhumbula umusa wenu nobungane eninabo. Ngifisa ukubonisa indlela engibonga ngayo ngokuninikeza umnikelo. Ngiyazi ukuthi nizidela kakhulu ukuze nifeze umsebenzi uNkulunkulu anibizele wona. Izenzo zenu zilufakazela kahle uhlobo lwabantu eniyilo, njengoba kubonakale ngokwethembeka nokuba qotho kukaDanielle. Ngakho ngiyaphinda futhi ngiyanibonga, kwangathi uNkulunkulu angayibusisa inkonzo yenu.”

 Ezinyangeni ezithile kamuva, ubaba kaDanielle waphinde waxhumana nalo mlisa, owabe esemxoxela ngento eyayenzekile esikhathini esingesingakanani esidlule lapho naye ethola isikhwama semali esasilahlekele othile. Wayesezitolo eyothenga lapho ezithela phezu kwesikhwama semali esasigingqika phansi. Lapho esemtholile owesifazane okwakungesakhe lesi sikhwama, wamnikeza sona wabe esechaza ukuthi yini eyayimenze wasibuyisa. Naye wayesanda kuboniswa isenzo esifanayo sokwethembeka. Wathi: “Isenzo esisodwa esincane sokwethembeka nesomusa siholela kwesinye, kwenze ukuphila kube ngcono kubo bonke abantu emphakathini.”