Dlulela kokuphakathi

Bama Ukuze Basize

Bama Ukuze Basize

 UBob wayeshayela ehamba ngesivivini esingamakhilomitha angu-100 ngehora ngosuku olubandayo e-Alberta, eCanada, lapho ithayi langemuva lemoto liqhuma kungazelelwe. Ekuqaleni uBob wayengazi ukuthi kwakwenzekeni, ngakho wakhetha ukuqhubeka eshayela amakhilomitha amahlanu aye kwakhe.

 Encwadini eyabhalelwa iHholo LoMbuso loFakazi BakaJehova, uBob uchaza okwabe sekwenzeka. Wabhala wathi, “Intsha engu-5 engoFakazi yasondela eduze kwemoto yami yabe isiyehlisa iwindi. Yangitshela ukuthi ithayi lemoto liqhumile. Sabe sesima eceleni base becela ukungishintshela lona. Ngangingazi noma nginalo yini elinye isondo noma ujeke wokuphakamisa imoto. Njengoba ngangihlezi eceleni komgwaqo esihlalweni sami sabakhubazekile, bangena ngaphansi kwemoto bathola isondo nojeke, base bengishintshela isondo. Kwakubanda kakhulu futhi kuneqhwa. Babegqoke kahle, kodwa balishintsha isondo, ngakwazi ukushayela futhi. Ngangingeke ngikwazi ukuzishintshela lona.

 “Ngiyazibonga lezi zingane ezinhlanu ezingoFakazi ezangisiza. Zazisendleleni ngoba zaziyoshumayela kweminye imizi. Lezi zingane ziyakwenza ngempela lokho ezikufundisayo. Ukube azingisizanga, kwakuzoba nzima ngempela ukuphila kwami, ngiyazibonga ngempela lezi zingane ngalokho ezangenzela kona. Ubani owayazi ukuthi ngaloluya suku kwakunezingelosi ezincane emgwaqweni?”