Dlulela kokuphakathi

Babezitshela Ukuthi Umfundisi

Babezitshela Ukuthi Umfundisi

 U-Osman nomkakhe kanye nendodakazi yabo babeshumayela besebenzisa izinqola ngaphandle kwamathuna eChile. Kungazelelwe, kwafika abantu bomgcwabo bedlalela umculo phezulu. Abanye abantu bacabanga ukuthi u-Osman wayengumfundini, ngakho baya kuye bamhaga bathi, “Siyabonga ngokuthi usheshe waMfundisi, besikulindele!”

 Nakuba u-Osman azama ukucacisha ukuthi kunokudideka okukhona kodwa ngenxa yomsindo abakwazanga ukumqonda. Ngemva kwemizuzu embalwa iqembu labantu lingene emathuneni, abanye babuya bathi kuye, “Mfundisi, silinde wena emathuneni.”

 Ngemva kokuba umsindo sewudambile, u-Osman wakwazi ukuchaza ukuthi ungubani nokuthi kungani ayemi lapho. Ngemva kokuba abantu sebethukuthele ngenxa yokuthi umfundisi wabo akakafiki, bacela u-Osman, “Ungakwazi ukuza uzothi fahla fahla amazwi ambalwa aseBhayibhelini kuleli qembu labantu?” U-Osman wavuma.

 Besendleleni eya endaweni yokugcwaba, u-Osman wabuza imibuzo embalwa ngomuntu owayeshonile wacabanga nangemibhalo embalwa azoyisebenzisa. Ngemva kokufika emathuneni, wazethula kuleli qembu wachaza ukuthi ukuthi unguFakazi kaJehova, uxoxela abantu izindaba ezinhle.

 Wabe esesebenzisa isAmbulo 21:3, 4 noJohane 5:28, 29, wachaza ukuthi kwakungayona intando kaNkulunkulu ukuba abantu bafe. Empeleni wathi uNkulunkulu maduzane uzovusa abantu abafile, bazoba nethemba lokuphila phakade emhlabeni. Lapho u-Osman eseqedile, abaningi bamhaga ngemfudumalo bambonga “ngomyalezo kaJehova wezindaba ezinhle.” Wabe esebuyela enqoleni yezincwadi.

 Ngemva komncwabo, abanye kwabalilayo, beza enqoleni bacela ukubuza u-Osman nomndeni wakhe imibuzo mayelana neBhayibheli. Kwabe sekulandela ingxoxo ende, babe sebehamba cishe nazo zonke izincwadi ezazisenqoleni yokufakaza.